17| Ezemidlalo

Friday, 08 May 2026

Image

NGUKHULISO Mudau weDowns "enswininiza" ebhekene noSiphesihle Ndlovu weChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

ISundowns igxeka iChiefs ngobundlavini


Icasulwa yindlela yobudlova eyisebenzisayo 'ukudunga imidlalo'

Senzo Sokhela
 
USOLE iKaizer Chiefs ngokuba ngondlavini umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ezakhe zilahla amaphuzu amqoka.

IDowns ibambane neChiefs ngo-1-1 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eLoftus Stadium, ePitoli.

IChiefs  yiyona evule inkundla, uFlavio Da Silva elibeka enethini, kodwa igoli lakhe lacinywa ngelikaBrayan Leon.

Image

NGU-KEANU Cupido weDowns ethwelwe ngohlaka emuva kokulinyazwa nguNdlovu weChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IDowns iqede umdlalo ingasaphelele uJayden Adams ekhishwa ngekhadi elibomvu.

Emuva kwalo mdlalo, uCardoso ugxeke iChiefs ngokusebenzisa udlame enkundleni, lokukhahlela abadlali bakhe sengathi kudlalwa umkhalambazo, ukuze idunge isimo somdlalo.

"Onondweba bahlulekile wukulawula lo mdlalo. Bekufanele engabe babonile ukuthi iChiefs idlale kanjani ibhekene ne-Orlando Pirates.

"Isebenzise udlame ukuze singadlali ibhola lethu. Ivele yasikhahlela nje, kwagcina sekukhahlelwana, kungasadlalwa ibhola.

"Onondweba bekufanele basivikele, buka nje abadlali ababili bonke baphukile. Kodwa-ke kangifuni ukukhuluma kakhulu, sizoqhubeka silwe, sibone ukuthi siphelela kephi (embangweni wesicoco seligi)," kusho uCardoso obedinwe eqhuma.

Image

NGABADLALI beChiefs bejabulela igoli likaFlavio da Silva (ophakathi).

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IDowns izobhekana neSiwelele FC koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-17h30 eLucas Masterpieces Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Izovala imidlalo yeligi ngokushukana neTS Galaxy ngoLwesibili ngo-19h30 eMbombela Stadium.

Emuva kwalokho, izoqala amalungiselelo omdlalo wamanqamu weCaf Champions League ezowugijima ne-AS FAR Rabat yaseMorocco ngempelasonto yomhla ka-16/17 kuleli neyomhla ka-23/24 ekuhambeni.