15 | Izindaba
Friday, 08 May 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Ushaya indesheni ngoxhaso oyobuka iNdebe yoMhlaba. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:
Siyambongela bakithi kungqongqoshe wezemidlalo. Gede indaba kaMama Joy, ngoba bahamba babuye namakhehla abelungu.
Sfiso Christopher:
Vele abanamsebenzi walutho nje ogogo labo. UDlamini unomdlandla omuhle kabi.
Nkululeko Vanhei Khuzwayo:
Manje kabasebenzi yini noma itoho labo wukuba ngumlandeli webhola?
Kuyaholela yini?
Sibulelo Sam Ndlovu:
Bahamba bayaphi vele kudliwa imali?
Bazobuya bazolamba la emuva kwalawo ma-game amathathu.
Mlu Luthuli:
Kumfanele umfo kaDlamini. Halala!
Vusi Vela:
Siyambongela, kuhle lokho.
Thokozani Ngonyama:
UGayton McKenzie ndini loyo, udlala ngemali yabakhokhi bentela.
Russell A Lonathemba:
Manje ukudla bazokuthola khona?
Nhlanhla Oscar:
Kulezi zikhala okuthiwa zikhona eziwu-four, kufanele bafake uMama Joy, uSaddam Make, noBotha Msila.
Nkulu Cubuzekhanda Zasalakamamphatheni Ehhe:
UMama Joy uyahamba. Niyosho ukuthi ngasho.
Sanele Mshokobezi Hlela Peecival:
Nguyena muntu okumfanele ngempela-ke lo ukuya kwiWorld Cup, ayonandisa uma sekudlala iBafana Bafana. ♥️
Zihlandlo KaGcwabe:
Hawu siyambongela lo mbhemu woSuthu, unomfutho kakhulu. Ake basale oMama Joy labo. Sifuna ubuso obusha manje ebholeni. ⚽️🇿🇦
Percy Lusso:
Hhawu! Kanti akayena uDlamini...wangempela......😂🤣🤣🤣🤪😂🤪....
Makhekhe BabakaGcokama Hlongwane:
Manje ngoba iBafana Bafana izobuya ngakusasa, kusho ukuthi nabo labo balandeli bazobuya nayo?
Sbonelo Phungashe:
Ulayekile uMama Joy. Wazi umjolo kuphela. 🚮
Ndosi Mbheki Cornelius:
UMama Joy ubenga-qualify ukungenela lo mncintiswano.