13 | Ezezimoto
Friday, 08 May 2026
INGENA iphume kalula emigwaqweni emincane kanti imlungele umshayeli osanda kuqala ukushayela .
Ingikhumbuze ngisaqala ukushayela iTATA Tiago 1.2 XT MT encanyana eyi-manual. I-Tiago izokunika okubalulekile emotweni, kayinayo imixhantela namalivilivi atheni, iwuhlobo esilubiza ngokuthi, “ngithathe ungibeke” lwemoto.
Nakuba kunjalo abakwaTATA bayenzile imizamo yokuthi kube khona okuhambisana nesimanjemanje.
Ngenani elisukela ku-R184 900 kuya ku-R224 900 yemukelekile kulowo ofuna izinyawo ezisheshayo nokonga uphethiloli.
I-TATA Tiago yethulwe ekupheleni
kuka-2025 kuleli, yaqala ukubonakala emigwaqweni ekuqaleni kwalo nyaka (2026).
I-Tiago ihamba ngenjini ewu-3 silinda kaphethiloli engamalitha awu-1.2. Ilungele kakhulu izindawo zasemadolobheni nomgwaqo wetiyela ngenxa yobuncane bayo ngokwamandla nokwakheka kwayo.
Ihamba ne-touchscreen ewu-7 inch kanti ungayixhuma komakhalekhukhwini abasebenza nge-Apple CarPlay nabe-Android Auto.
Ingisebenzele kakhulu ezindleleni zami ezisheshayo ezifana nokuphuthumisa abantwana esikoleni nasemigwaqweni emincane ukuze ngikwazi ukudlula kalula.
Esiminyaminyeni somgwaqo ngiyibone ingamfanela kakhulu umshayeli osemusha emgwaqweni ukuze ajwayele. Ukushintsha amagiya kulula kanti nalapho ufaka amabhuleki nophethiloli ayiqinile.
Ngikuncoma kakhulu ukufakelwa kwezokuphepha kuyo okufana nama-airbag ne-ABS kanti ivuleleke ngokuhambelana nosayizi wayo.
Ngemuva, abantu abathathu abanesisindo esiphakathi nendawo banganela kahle, kanti nebhuthi engamalitha awu-242, yanele kahle izikhwama zabantwana zesikole nezikhwama zokufaka okwezemidlalo.
Okuzothokozelwa ngabaningi ngayo ukonga kwayo uphethiloli njengoba inethangi elingamalitha awu-35, uma ungumuntu ohamba endaweni yasedolobheni, ungakuqhuba cishe amakhilomitha aya ko-500.
Ozokuthola kwiTiago wukuthi akusiyo imoto enamandla, ngakho ungalindeli ukuyinyathela ukuthola okuthe xaxa. Ngenxa yenjini encane, iba nomsinjwana kwezinye izikhathi lapho uyishayela kanti igiya eliya emuva (reverse) kalingeni kalula kwesinye isikhathi.
Ikhamera ekusiza lapho upaka ngo-reverse incanyana, ngakho kuyadinga ukuba uqaphelisise.
Akusiyo imoto ongayigcina isikhathi eside, ingeyesikhashana, ongayithatha njenge-starter pack nakuba ifika ne-waranti yeminyaka emihlanu noma amakhilokitha awu-125 000.
Kulo mnotho ontekenteke nenani eliphezulu lezimoto ezihamba ngophethiloli nemishwalense emba eqolo, iTiago ingaba yicebo lapho ufuna izinyawo ezisheshayo noma unebhizinisi le-e-hailing wenze amasenti lapho ungayi etohweni.
Incintisana neSuzuki Celerio neToyota Vitz kanti zonke lezi zimoto ziyonga kuphethiloli kodwa iTiago yenza kangcono ngenxa yobukhulu benjini, kodwa uma uqhathanisa edla kakhulu uphethiloli kuzona zontathu,
iTiago iminya okuthe xaxa ngenxa yokusebenza kwayo.