12 | Izindaba 

Friday, 08 May 2026

Kubalulekile ukuyeka ugwayi kusenesikhathi


Kuwumkhuba ongemuhle ukubhema ugwayi


Ezempilo: noDkt Nqobile Sithole-Mhlongo

Image

ONGOTI bezempilo bathi noma yini ephafuzwa intuthu, ingakudalela izifo.

INYANGA kaMay, yaziwa njengeyokuqwashisa ngobungozi bokusebenzisa ugwayi (Tobacco Awareness Month).

Iqwashisa ngobungozi ongazithola ubhekene nabo ngenxa yokusebenzisa izithako zikagwayi. Ibaluleke kakhulu ngoba igxile ekufundiseni umphakathi ngobungozi bokusebenzisa ugwayi, ukukhuthaza abantu ukuba bayeke ukuwubhema nokuvikela intsha ukuthi ingawuqali lo mkhuba oyingozi.

Ukusetshenziswa kwemikhiqizo kagwayi kuseyinkinga enkulu eNingizimu Afrika. Kuyingozi ngoba kungabanga izifo ezifana nomdlavuza wamaphaphu, yizifo zenhliziyo, yizifo zokuphefumula nokufa ngaphambi kwesikhathi.

Image

UNGALINYALELWA ngamaphaphu uphathwe nawumdlavuza ngenxa kagwayi.

Nabangabhemi abahlala nababhemayo
basengcupheni  yokuthola izifo

Ngisho nabantu abangabhemi kodwa abahlala eduze kwababhemayo (passive smoking) basengozini enkulu yokuthola lezi zifo.

Inhloso enkulu yale nyanga wukuqwashisa umphakathi ngezingozi zokusebenzisa ugwayi nokukhuthaza indlela yokuphila ehlanzekile nezempilo.

Izinhlangano zezempilo, izikole nohulumeni bahlela imikhankaso yokufundisa abantu nokwabelana ngolwazi nokwesekwa kwalabo abafuna ukuyeka ukubhema.

Intsha ithathwa njengengxenye ebaluleke kakhulu kulolu hlelo. Abantu abaningi baqala ukubhema besebancane ngenxa yokucindezelwa ngabangani, ukufuna ukuzama izinto ezintsha noma wukungabi nolwazi olwenele ngobungozi bokubhema.

Ngakho-ke imikhankaso igxile kakhulu ezikoleni nasemiphakathini ukuze kufundiswe intsha ukuthi ithi 'cha ekubhemeni ugwayi'.


Zikhona izinhlelo zokweseka
abafuna ukuyeka ugwayi

Ocwepheshe bezempilo bagcizelela ukuyeka ukubhema kusenesikhathi.

Bathi uma umuntu eyeka ukubhema, umzimba uqala ukuzilungisa ngokushesha, futhi amathuba okuphila isikhathi eside ayakhula.

Kukhona nezinhlelo zokweseka abafuna ukuyeka ukubhema, ezifaka phakathi ukwelulekwa ngodokotela nokusetshenziswa kwemithi yokusiza ukunciphisa ukubhema.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika uyaqhubeka nokubeka imithetho eqinile yokulawula ukusetshenziswa kukagwayi ezindaweni zomphakathi, wukufakwa kwezixwayiso egobhozini likagwayi (njengasesithombeni esingezansi), nemikhankaso yokuqwashisa umphakathi.

Image

Ngalesi sikhathi sokuqwashisa ukusetshenziswa kwezithako zikagwayi, umphakathi ukhuthazwa ukuba uthathe izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi uyaphepha.

Ukuyeka ukubhema, ukweseka ngabangani nomndeni abafuna ukuyeka ukubhema  nokusabalalisa ulwazi oluyiqiniso, kuyindlela ebalulekile yokwakha ikusasa elinempilo.

Ngamafuphi inyanga kaMay iyisikhathi sokuzindla, ukufunda nokwenza ushintsho oluzosiza ukunciphi- sa ukusetshenziswa kwezithako zikagwayi emphakathini.

Impilo ingeyethu sonke, masiyivikele!