10 | Ezokungcebeleka

Friday, 08 May 2026

Woza Nazo Mzala!

UMzala kuzomele avule isikole sezemfashini eNingizimu Afrika

Image

HHAYI uMzala sengathi kuzomele avule isikole sezemfashini eNingizimu Afrika.
Into engiyibone igqokwe
nguRihanna (osesithombeni esingenhla), ongumculi waphesheya kwiMet Gala!

Hhayi le ntokazi ibiyinhle futhi igqoke okwehlukile. Le nto yenze uMzala azibuze ukuthi yini eMzansi bathande lezi zingubo ezimise okukafishi?

Phela wonke umuntu uthungisa zona. Masethembe ukuthi abasiki bengqephu babonile ukuthi kubaluleke kangakanani ukuqhamuka nokwehlukile.
Nisike ikhasi nathi sike sigeze amehlo ngemfashini.


We ndoda akusondelwa kanjena kumfazi wenye indoda!

Image

UMFOWABO kaNgizwe lo obesenkonofele uJacinta Ngobese-Zuma (abasesithombeni), ubexakwe yini ngempela?

Awu ndoda waze wasihlaza siwuZulu! Akusondelwa kanjenyana emakhosikazini abantu. UMzala uyaqonda ukuthi bewusiza uJacinta ukugibela ihhashi, kodwa-ke bekuzoba ngcono ukube wehlile, wamdedela ahlale yedwa phezulu.

Umyeni kaJacinta uyobe ekuyekile uma engakufaki esikoleni noma akuhlawulise. Hhabe!  Okwakobani nje ukuzithintela ezitsheni ezifayo ngaleya ndlela!

Mina bengizoba manzi te yintukuthelo.


Isondo liyajikajika Fadiel Adams

Image

Ngizwa kuthiwa umholi weNational Coloured Congress (NCC), uFadiel Adams (osesithombeni esingenhla), oboshwe eCape Town ngoLwesibili, uphafuze ugwayi waze wafika eThekwini.

He..he he! Nguwe lo mfo ka-Adams? Abaziyo bathi uma uphafuza ugwayi ngokweqile, i-stress sisuke sesikubambe phansi.

UMzala umangazwa wukuthi ubuyimpempe odabeni lukaGen Nhlanhla Mkhwanazi. Wakhuluma sengathi wenza okungalungile. Kunjani uma kunje?

Impela izinto zimane ukwenzeka, sithule siyabuka.


Ungazibambezeli uma usubaba kanje, zizoziphonsa phela izintokazi

Image

NGUBANELE 'Moghelingz' Ndaba, oyi-content creator, osezakhele udumo ngokuzenza owesifazane ezinkundleni zokuxhumana.

KWESINYE isikhathi uyaye uzibambezele kodwa unganakile.
Leli bhungu elinguBanele 'Moghelingz' Ndaba, like lazibambezela ngokugqokisa okwentombazane, lifaka nama-weave lenza i-content.

Nike nalibona kodwa leli bhungu ukuthi muva nje liswenka kanjani?
O-baby bakhala ngapha nangapha ngaleli bhungu, linuka kamnandi ulibuka nje.

Masethembe ukuthi liyazemukela izicelo zomjolo ngoba amantombazane kawazwile la ngaphandle.

Image

USUNGADIDEKA uphele ukuthi kusenguye uBanele Ndaba lona uma esengu'Moghelingz', ezinkundleni zokuxhumana.