08 | Izindaba
Friday, 08 May 2026
Kulobe: uThandoluhle Ngubo
Ezemfundo
Likhala ngokuthi okwenziwe nguManamela kuphambene nomthetho...
APHONSELE inselelo isinqumo sikaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uMnu Buti Manamela sokufaka isikhwama esixhasa abafundi abaswele iNSFAS ngaphansi komlawuli amalungu ebhodi awu-7 asele.
Lokhu kuza ngemuva kokuba la malungu efake enkantolo isicelo esiphuthumayo, efuna ukuba iphoqe uManamela ukuba abuyekeze isinqumo sakhe asimemezele ngoMsombuluko, lapho eqoke khona uSolwazi Hlengani Mathebula njengomlawuli walesi sikhwama.
NguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uMnu Buti Manamela.
Ngokwamaphepha athunyelwe enkantolo ngamalungu ebhodi, amelwe ngomunye wawo u-Adv Tlou Ramashia, athi isinqumo sikaManamela siphambene nomthetho.
"Njengebhodi sikubona kufanele futhi kuwubulungiswa ezitshudenini ezihlomula kwi-NSFAS, ibhodi nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthi sicele inkantolo ukuthi imise okwesikhashana noma imise unomphela ukuqokwa komlawuli ozokwengamela lesi sikhwama," kusho amaphepha.
NguSolwazi Hlengani Mathebula obekwe njengomlawuli walesi sikhwama seNSFAS.
Athi uManamela uthathe lesi sinqumo ngale kokuxoxisana nawo. Asole uManamela ngokungahambisi izinto ngendlela njengoba ethi ugcwalisa izikhala zamalungu awu-6 asulile.
Asola uManamela ngokugxambukela ezindabeni zebhodi ngoba efuna ukufeza izinhloso zakhe.
Eziphendulela uManamela ukuchithile lokhu, wathi isinqumo sakhe siyahambisana nomthetho. UManamela uthatha lesi sinqumo nje, kusanda kusula amalungu ebhodi awu-6 kulesi sikhwama okubalwa kuwo nosihlalo walo, onguNobhala-jikelele weSadtu uDkt Mugwena Maluleke.
Ukufakwa kwalesi sikhwama ngaphansi komlawuli kungokwesibili esikhathini esingaphansi kweminyaka emithathu njengoba ngo-2023 owayengungqongqoshe walo mnyango, uDkt Blade Nzimande aqoka uMnu Freeman Nomvalo ukuba abe ngumlawuli walesi sikhwama kulandela izikhalo zokuphathwa budlabha kwemali kulesi sikhwama.