03 | Izindaba

Friday, 08 May 2026

Image

NGUMCULI kamaskandi uMongezi "Mayoghurt"Jama.

UMayoghurt uzishaya isifuba  ngokwehlula abebemphika kwezomculo

Mthobisi Sithole

UZISHAYA isifuba umculi kamaskandi ophila nokukhubazeka, ngokwehlula ababehlekisa ngaye, bethi umculo wakhe wumlilo wamaphepha, uzophelela ezeni, njengoba ethi namanje usematheni endimeni kamaskandi.

UMongezi "Mayoghurt" Jama (23), waseMzimkhulu, uthi ngesikhathi efika emculweni, baningi abantu abebengakholelwa kuyena, okubalwa nabaculi bakamaskandi.

Uthi abanye babo labo baculi, uyabehlula namanje ngodumo nokumenywa emicimbini.

Uthi wayebekelwe izinyanga ezimbalwa, etshelwa kwezikabhoqo ukuthi ngeke uphele ngisho unyaka esematheni kwezomculo.

"Ababehlekisa ngami kasibaboni emicimbini"

"Wunyaka wesithathu lona esikuwona, namanje ngisalokhu ngisemehlweni abantu, futhi nasemicimbi-ni ngiyamenywa. Abanye ababehlekisa ngami kasibaboni emicimbini.

"NgeSonto eledlule bengijabulisa abantu emcimbini weBlue Nation, eCarnival City, eGoli.

"Abantu abebekhona eGoli, kabawuvali umlomo ngenxa yesitayela engifike naso, ngihamba nabafowethu engangicula nabo iSicathamiya eminyakeni edlule, Abafana beNkululeko," kusho uMayoghurt.

Uthi bonke ababehlekisa ngaye bayazisola manje ngoba akuhambanga ngamagama abo.

Utshele leli phephandaba ukuthi umculo wakhe usazoya kude. Uthi useqophile, uzodedela i-albhamu entsha ngenyanga ezayo.

"Ngifike emculweni kwaba khona abangitshela emehlweni ukuthi udumo lwami yinto yesikhashana ngoba kayikho into engiyiculayo.

"Abanye bebethi uma ngiqashwa emicimbini, akusikhona ukuthi ngiyathandwa, yingoba abahleli bemicimbi bayangizwela.

"Zonke lezo zinkulumo zingiqinisile ngoba bengigabe ngekhono lami nesiphiwo engakuphiwa yidlozi lakithi noNkulunkulu wami," esho.

UMayoghurt uthi nakuba esehlala kubo eMzimkhulu, kodwa umculo wakhe uyakhanya.

Uthi uhlangabezanile nezinkinga ebezizama ukuqumba phansi igama lakhe ngenxa yabantu abathile, kodwa wadlula kuzona.

"Ukuhlala ekhaya kuyangisiza kwezinye izimo ngoba ayisekho imali engiyikhokhayo yendawo yokuhlala.

"Njengamanje ngizama nokuthi ngifuye imfuyo ngoba sekukhona imali eyongekayo ngenxa yokuhlala ekhaya," kusho le nsizwa.

mthobisis@ilanganews.co.za