02 | Izindaba

Friday, 08 May 2026

Ezifingqiwe


UMkhwanazi uthi izipaza seziphendulwe izidleke zobugebengu


Image

UMKHUZI wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, utshele ikomidi lasePhalamende ukuthi izitolo ezincane, ezaziwa ngama-"Spaza Shops", kufanele zifakelwe izibuko.

Uthi kulezi zitolo, kulapho kuphehlwa khona izinhlobo ezahlukene zobugebengu okubalwa ukushushunjiswa kwezidakamizwa, amatulo okusoconga nokuphangwa kuhlonyiwe.

UMkhwanazi uthi umbiko weziNhloli uthi, ezifundazweni iKwaZulu-Natal, iGauteng, iWestern Cape, ne-Eastern Cape, kulapho kusetshenziswa khona lolu hlobo lwamabhizinisi ukuqhuba ubugebengu.

Lolu hlobo lwamabhizinisi kamuva nje, selwenganyelwe ngabantu bokufika kuleli.


URamaphosa uzovula umbuthano wezokuVakasha eThekwini


Image

NGESONTO elizayo kuzobe kuphithizela eThekwini, njengoba kunombuthano waminyaka yonke wezokuvakasha, owaziwa ngeTourism Indaba.

Lo mbuthano uzovulwa nguMengameli uMnu Cyril Ramaphosa, ngoMsombuluko.

UNgqongqoshe wezokuVakasha kuleli, uNkk Patricia de Lille (
osesithombeni esingenhla), nethimba lakhe, sebefikile eThekwini ukulu-ngiselela lo mbuthano, oheha abantu abavela emazweni ahlukene.

Uzoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), izinsuku ezintathu.

UNgqongqoshe uDe Lille, uthi yize kunemi- bhikisho ebhekiswe ebantwini bokufika abakuleli ngokungemthetho, izivakashi mazingethuki ngoba zizobe ziphephile futhi zisezandleni ezifudumele.

Umkhakha wezokuvakasha ezweni kuthiwa ukhombisa ukusimama njengoba wakhinyabe- zeka ngesikhathi seCovid 19.


I-ANC ithi kayinankinga nemibhikisho eqondiswe kwabokufika


Image

ISIPHUMELE obala i-African National Congress (ANC), esiyingini saseThekwini, yathi kayinanki-nga ngabantu ababhikishela abantu bokufika abakuleli zwe ngokungemthetho.

Lokhu kulandela ukhukhulela-ngoqo wombhikisho nomqhingqo, obekusenkabeni yeTheku ngoLwesithathu.

I-Regional Task Team ye-ANC, ebinomhlangano eThekwini, iphakamise ukuba uMasipala weTheku mawusungule isikhwama esaziwa ngeSpaza Shop Fund, ukufukula osomabhizinisi abasafufusa bakuleli dolobha, kodwa okungabaseNingizimu Afrika.

UMengameli uMnu Cyril Ramaphosa emhlanga- nweni abenawo noMengameli waseMozambique, uMnu Daniel Chapa, e-Union Building, uthe ukucwasana ngokobuzwe yinto ezolawuleka.

Lokhu kulandela izikhalo ezivele emanxuseni amazwe ahlukene, okuyiNigeria, iGhana, neMozambique, ethi abantu bamazwe abo abakuleli zwe, bayahlukunyezwa, futhi bayacwaswa.


Intaka ibekelwe amazolo njengoba kukhethwa ubuholi be-DA eKZN


Image

LIZOSHONA usuku lwangoMgqibelo iqembu iDemocratic Alliance (DA), KwaZulu-Natal, selinobuholi obusha.

Obehola leli qembu esifundazweni, uMnu Francois Rodgers, usethi khumu, udedela abanye ukuba bahole iqembu.

Abasembangweni wokuhola iqembu, nguMnu Sthembiso Ngema (osesithombeni esingenhla), oyikhansela kuMasipala weTheku, oyiPhini lomholi walo eKZN, noMu Mzamo Billy, oyilungu leNational Council Of Provinces (NCOP).

Ingqungquthela yokukhetha ubuholi ingo- Mgqibelo, e-Olive Convention Centre, eThekwini.

UMnu Martin Meyer, onguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi eKZN, noMabatho Tembe, oyiPhini likaSomlomo, esiShayamthetho sesifundazwe, bakhankaselwe ukuthi babe ngamaphini.

Umholi weDA kuzwelonke, uMnu Geordin Hill-Lewis, nelungu lesigungu esiphezulu seqembu, uMnu Solly Msimang, bazobe bekhona ukukhuthaza amalungu nabalandeli beqembu.