17 | Ezemidlalo

Friday, 08 August 2025

Uzoqhubeka nokuncelisa amawele umqeqeshi we-Orbit College

Image

Ihlose ukuvula isizini ngokuqoqa amaphuzu agcwele uma seyibhekene noSuthu KwaMashu

NGUMQEQESHI we-Orbit College, uPogiso Makhoye.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UMQEQESHI we-Orbit College, uPogiso Makhoye - engomakoti kwiBetway Premiership - uthi uzoqhubeka nokuncelisa amawele njengoba kunomsebenzi awenza ngokugcwele esikhungweni sezemfundo ephakeme, i-Orbit College, eNorth West.

I-Orbit izotheleka KwaZulu-Natal lapho izobhekana khona namaZulu FC koweligi ngoMgqibelo ngo-15h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Le kilabhu yenyukele kwiPremiership emuva kokuba inqobe imidlalo yama-play off.

Image

I-Orbit isemabhukwini omlando njengoba iqale emazingeni aphansi kwaze kwaba yenyukela kwiPremiership.

Konke lokhu kwenziwe ngumqeqeshi uMakhoye osuke nayo phansi kwaze kwaba ifika kwiPremiership. Lo mqeqeshi uthi yize umsebenzi usumkhulu manje njengoba ikilabhu isidlala kwiPremiership, kodwa uzoqhubeka nokuncelisa amawele.

"Ngizoqhubeka nokwenza njengoba bengenza ngisaqeqesha kwiMotsepe Foundation Championship, kakukho okuzoshintsha. Ngiqashwe njengemenenja ye-Information Technology (IT) e-Orbit College, ngizoqhubeka nokwenza lo msebenzi ngokugcwele kanti nokuqeqesha futhi ngizokwenza ngokugcwele," esho.

Uthi bazozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo woSuthu ngoba into emqoka kubona ngale sizini wukuhlenga isitifiketi sekilabhu.
Kungenwa ngo-R40 kulo mdlalo, kanti abalandeli besifazane abazofika bedlubhe umfaniswano woSuthu bazongena bhusende.