21 | Ezemidlalo

Friday, 07 November 2025

Umqeqeshi weMan City akawuvali umlomo ngoPhil Foden

Image
Ujatshuliswa wukumbona ebuyelwa yifomu yakhe yokubhakuzisa inethi
NGU-PHIL Foden weMan City ejabulela elinye lamagoli akhe ngesikhathi bebhubhisa iBorussia Dortmund ngo-4-1 kowe-Uefa Champions League.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

AKAWUVALI umlomo ngezinga elikhonjiswe ngumdlali wakhe, uPhil Foden - oshaye amagoli amabili - uPep Guardiola ongumqeqeshi weManchester City yase-England ebhudluze iBorussia Dortmund yaseGermany ngo-4-1 kowe-Uefa Champions League ngoLwesithathu ebusuku.

ICity ingenye yamakilabhu ahlale elwela ukwenza kahle kulo mqhudelwano esawunqobe kanye.

"Kuyajabulisa ukumbona ebuyela ezingeni lakhe. Lokhu kuzoyisiza kakhulu ikilabhu njengoba sifuna ukwenza kangcono kule sizini.

"Bonke abadlali benze kahle, futhi ngiyethemba ukuthi bazoqhubeka nasemdlalweni wethu weligi esizowudlala neLiverpool ngeSonto ngo-18h30," esho. 

Image
NGU-LAMINE Yamal weBarcelona ejabulela igoli lakhe ngesikhathi bebambana neClub Brugge ngo-3-3.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

* Komunye umdlalo weChampions League, iFC Barcelona yaseSpain ibuye nephuzu kunzima eBelgium, ibambana neClub Brugge ngo-3-3 ngoLwesithathu.

IBarcelona ilanyulelwe nguLamine Yamal njengoba ibilokhu ilandela iBrugge ngokuhlohla amagoli, kanti nasemdlalweni ibithwele kanzima njengoba izitobha zayo beziphendulwa izimpuphu nguCarlos Forbs noNicolo Tresoldi.

UYamal obeyiphela endlebeni kuJoaquin Seys - odlala kwesobunxele emuva kwiBrugge - ushaye igoli lesibili, wakha elesithathu okube wumkhonto ogwaze ekhaya kaChristos Tzolis.

IBrugge ivule inkundla ngegoli likaTresoldi, lacinywa ngelikaFerran Torres, yabuya ngelikaForbs, lacinywa nguYamal, wakuphinda lokho uForbs, igoli lakhe lacinywa wumkhonto egazwe ekhaya.

* Isiyonke imidlalo ye-EPL ihlelwe kanje:
NGOMGQIBELO
Tottenham vs Man United 14h30.
West Ham vs Burnley 17h00.
Everton vs Fulham 17h00.
Sunderland vs Arsenal 19h30.
Chelsea vs Wolves 22h00.
NGESONTO
Aston Villa vs Bournemouth 16h00.
Brentford vs Newcastle 16h00.
Forest vs Leeds 16h00.
Man City vs Liverpool 18h30.
* Eye-Serie A yase-Italy:
NGOLWESIHLANU
Pisa vs Cremonese 21h45.
NGOMGQIBELO
Lecce vs Verona 16h00.
Como vs Cagliari 16h00.
Juventus vs Torino 16h00.
Parma vs AC Milan 21h45.
NGESONTO
Atalanta vs Sassoulo 13h30.
Bologna vs Napoli 16h00.
Genoa vs Fiorentina 16h00.
Roma vs Udinese 19h00.
Inter Milan vs Lazio 21h45.
* EyeSpanish La Liga imi kanje:
NGOLWESIHLANU
Elche vs Sociedad 22h00.
NGOMGQIBELO
Girona vs Alaves 15h00.
Sevilla vs Osasuna 17h15.
Atletico Madrid vs Levante 19h30.
Espanyol vs Villarreal 22h00.
NGESONTO
Atletico Bilbao vs Oviedo 15h00.
Rayo Vallecano vs Real Madrid 17h15.
Mallorca vs Getafe 19h30.
Valencia vs Real Betis 19h30.
Celta Vigo vs Barcelona 22h00.
* EyeGermany Bundesliga:
NGOLWESIHLANU
Werder vs Wolfsburg 21h30.
NGOMGQIBELO
Hoffeinheim vs Leipzig 16h30.
Leverkusen vs Heidenheim 16h30.
Hamburger vs Dortmund 16h30.
Union Berlin vs Bayern Munich 16h30.
Monchengladbach vs Cologne 19h30.
Freiburg vs St Pauli 16h30.
Stuttgart vs Augsburg 18h30.
Frankfurt vs Mainz 20h30.