17 | Ezemidlalo
Friday, 07 November 2025
NGUYANELA Mbuthuma ehola ozakwabo kwiPirates, bejabulela igoli lakhe ngesikhathi behlula iGolden Arrows ngo-3-1 koweligi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
BASETHUBENI lokuzigqamisa ngokuphoxa i-Orlando Pirates ngokuyiwashisa ijezi kwiCarling Knockout abadlali beRichards Bay FC.
La makilabhu azoshukana kwiSemi final yeCarling Knockout ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
URonnie Gabriel ocija iBay FC - edume ngeleNatal Rich Boys (NRB) - utshele abezindaba ukuthi yize bekuqonda ukuthi umdlalo walolu hlobo ngeke ubelula kubadlali bakhe, kodwa basethubeni lokuzakhela igama ngokuguqisa iBucs ebalwa namakilabhu aseNingizimu Afrika angacushwa emidlalweni yezinkomishi.
IPirates seyivele seyinenkomishi kule sizini njengoba ivikele iMTN8, yehlula iStellenbosch FC ngo-3-0 kowamanqamu obungasekuqaleni kwale sizini.
UGabriel uthi akubona kuzobadalela ubunzima wukuthi kunabadlali abaphuma kwiBay FC asebegijima kwiPirates, abayazi ukusuka nokuhlala iNatal Rich Boys.
Uthi lokhu ukubona kuzobanika inselelo ukuhlelela kahle lo mdlalo.
Nokho uthi okuhle ngokukhiqizela iPirates abadlali abanohlonze, wukuthi kukhombisa nabanye abasayibambe kwiBay ukuthi ikusasa liqhakazile.
NGABADLALI beBay, kusuka kwesobunxele nguGabadinho Mhango, nguSalim Magoola, nguTlakusani Mthethwa no-Ian Otieno.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Abadlali beBucs abaphuma kwiBay, nguYanela Mbuthuma noNkosikhona Ndaba.
"Sizimisele ngokwenza kahle kulo mdlalo yize sikuqonda ukuthi inkundla izokube imbozwe ngabalandeli beBucs. Ngifisa sengathi abalandeli bethu (baseMhlathuze) bangafika ngezinkani kulo mdlalo nakuba siwudlalela eMoses Mabhida Stadium, hhayi eMhlathuze.
"Sisamukele isinqumo sePSL ngoba bekucatshangelwa indaba yokuphepha kwabo abalandeli," esho.
Abadlali ababhekiwe kwiBay ukuphendula amatafula kulo mdlalo nguSimphiwe Mcineka, uWandile Ngema noKnox Mutizwa.
IPirates kulindeleke ifolose ngoRelebohile Mofokeng obuya ekulimaleni, kodwa ongene wenza izimanga kowe-Arrows, u-Oswin Appollis no-Evidence Makgopa ukubala nje abambalwa.