19 | Ezemidlalo
Friday, 07 November 2025
NGABADLALI beBafana Bafana bezivocavoca.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UVEZA ubumqoka bokunqoba umdlalo weZambia uHugo Broos ongumqeqeshi weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana.
UBroos umemezele iqembu labadlali abawu-23 elizobhekana neZambia kowesihle ngoMgqibelo ozayo womhla ka-15 kuLwezi (November) eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Ememezela iqembu lakhe, uveze ubumqoka bokunqoba lo mdlalo weZambia.
"Inhloso yethu ngalo mdlalo wukuzivivinyela i-Afcon (Africa Cup of Nation) ezokuba ngasekupheleni konyaka eMorocco.
"Kubalulekile ukuthi siwunqobe lo mdlalo ngoba ukuwina kufanele kube yinto egijima egazini lethu," esho.
I-Afcon izokuba seMorocco kusuka ngomhla ka-21 kuDecember wanonyaka, isongwe ngomhla ka-18 kuJanuary.
IBafana iku-group B kwi-Afcon, lapho iboshelwe khona ne-Egypt, iZimbabwe ne-Angola.
KUSUKA kwesobunxele; nguKelvin Kampamba, nguToaster Nsabata noKings Kangwa abangabadlali beqembu lesizwe laseZambia.
Iqembu leBafana elizobhekana neZambia selilonke limi kanje, onozinti: URonwen Williams, uRicardo Goss noSipho Chaine.
Izitobha: UKhulumani Ndamane, uThabo Moloisane, uMbekezeli Mbokazi, uNkosinathi Sibisi, u-Aubrey Modiba, uKhuliso Mudau, uSamukelo Kabini noThabang Matuludi.
Abasesiswini: UTeboho Mokoena, uMasindi Nemtajela, uBathusi Aubaas, uThalente Mbatha noSphephelo Sithole.
Abagadli: U-Evidence Makgopa, u-Oswin Appollis, uTshepang Moremi, uLyle Foster, uMohau Nkota, uSipho Mbule noKeletso Makgalwa.