18 | Ezemidlalo

Friday, 07 November 2025

Isexwayiso esishubile kubadlali be-Arrows

UMngqithi ufuna ezakhe zikhohlwe yisibhaxu sika-4-0 esizinike iMarumo koweligi
Image

NGABADLALI be-Arrows bejabulela elinye lamagoli abo ngesikhathi bebhudluza iMarumo Gallants ngo-4-0. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

WEXWAYISA abadlali bakhe ngobungozi bezitha uManqoba "TV" Mngqithi ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows eqhathwe neMarumo Gallants kwiSemi final yeCarling Knockout ngeSonto ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

I-Arrows iya kulo mdlalo nje, izinhliziyo zisansonsotha njengoba iguqiswe yi-Orlando Pirates ngo-3-1 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Amagoli eBucs kube wumkhonto ogwaze ekhaya ka-Ayanda Jiyane, namabili kaYanela Mbuthuma.

Ele-Arrows lishaywe nguThokozani "K Master" Khumalo.

I-Arrows neMarumo batholana nje, ngeledlule bebebhekene koweBetway Premiership, i-Arrows yanenebula le kilabhu ngo-4-0 khona eMlazi.

Image

NGU-IBRAHIM Bance weMarumo. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMngqithi udonsa ngendlebe abadlali bakhe ukungayiyeli ngobuso iMarumo ngoba nakhu beyehlule ngeledlule.

"Okwenzeke emdlalweni weligi sekudlulile, siqala isahluko esisha manje. Sikuqonda kahle ukuthi ngesikhathi sibhekene nabo emdlalweni weligi sibehlulile, kodwa lokho kakufanele sikufake emakhanda ngoba kungasidalela ingozi.

"Ukuthi sibehlulile kakushintshi ukuthi iMarumo iyiqembu elidlala kahle, ibingeke ifike kulesi sigaba uma ibheda. Into emqoka njengamanje wukusebenza imiqondo yabadlali bami, siphume kulokhu okwenzeke emdlalweni wePirates.

"Nginethemba lokuthi sizokwenza kahle kulo mdlalo ngoba inhloso yethu wukuthi sidlulele kowamanqamu," kusho uMngqithi.

Uthi isifiso sakhe wukuthi ngelinye ilanga abantu baKwaZulu-Natal babe qotho ukweseka amakilabhu akulesi sifundazwe, kungakhathalekile ukuthi iyiphi.

"Kungaba kuhle ukuthi ngelinye ilanga, yize abantu benamakilabhu abo angaphandle abawathandayo, kodwa uma ebhekene nawalapha KwaZulu-Natal, bathi ngeke badayise ngomndeni wabo, yonke into iqala ekhaya, lokho kuyongijabulisa kakhulu.

"Kawucabange nje sekubhekene amakilabhu amabili akulesi sifundazwe kowamanqamu. Lokho kungenzeka, yibhola leli," kusho uMngqithi.