20 | Ezemidlalo
Friday, 07 November 2025
NGUNGQONGQOSHE wezeMidlalo, uGayton McKenzie.
Senzo Sokhela
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo eNingizimu Afrika, uGayton McKenzie, uthi sekuseMome ukusebenza kweVideo Assistant Referee (VAR) kuleli emuva kokuba umnyango wezemali ubeke eceleni u-R20 million ukuxhasa iVAR ukuze iqale maduzane emidlalweni.
UMcKenzie ekhuluma nabezindaba, ukuqinisekisile ukuthi njengamanje izinhlelo ziyaqala ukuze iVAR ibonakale kuleli.
NGU-VICTOR Gomes owayengunondweba ongomunye wabazohola uhlelo lweVAR.
"Umgcinimafa ukuqinisekisile ukuthi uzosinika u-R20 million ukuze siqale iVAR. Lolu hlelo ngikholwa wukuthi luzodla imali elinganiswela ku-R80 million.
"Umdlalo nje umunye, uzobe udla u-R70 000 ukuze lobu buchwepheshe busebenze.
"ISafa isiphezu kwalo lolu hlelo njengoba iqoke ababengonondweba abahlonishwayo kuleli ukuba kube yibona abahola lolu hlelo.
"Ngikhuluma ngoDaniel Bennett, uVictor Gomes, uJerome Damon no-Abdul Ebrahim oyinhloko yonondweba kuleli njengamanje.
"Sinethemba lokuthi emuva kwazo zonke izinkinga ebesilokhu sinazo, iVAR izosiza kakhulu ukwelekelela onondweba bethu," kusho uMcKenzie.