16 | Ezemidlalo
Friday, 07 November 2025
NGABADLALI bePirates, uThalente Mbatha, uKamogelo Sebelebele no-Evidence Makgopa.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
I-ORLANDO Pirates ihlose ukushiya kukhalwa KwaZulu-Natal ngokubhubhisa ngesibhaxu amakilabhu akulesi sifundazwe eqhathwe nawo.
IBucs izodlala neRichards Bay FC kwiSemi final yeCarling Knockout ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Iya kulo mdlalo nje, ngoLwesithathu ebusuku ibukise ngeLamontville Golden Arrows iyitaxa ngo-3-1 koweBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
U-Abdeslam Ouaddou ocija iBucs, uthi bebehlose ukuthumela umyalezo kwiBay ngesikhathi benenebula i-Arrows ngamagoli okube wumkhonto ogwaze ekhaya ka-Ayanda Jiyane namabili kaYanela Mbuthuma.
Ele-Arrows lishaywe nguThokozani "K Master" Khumalo.
U-Ouaddou, ekhuluma nabezindaba eThekwini ngoLwesine ngaphambi komdlalo neNatal Rich Boys, uthe: "Umdlalo weBay uzokuba nzima ngoba iyikilabhu okunzima ukuyiqonda ukuthi idlala kanjani, kwazise ibophele abadlali abasebancane nabanesipiliyoni, kanti nomqeqeshi wayo ukhaliphile. Kodwa-ke nawo lo mdlalo uzofika siwulungiselele.
"Esikwenze emdlalweni we-Arrows bekuyindlela yokuthumela umyalezo kwizimbangi esizobhekana nazo ukuthi kufanele zilindeleni kithina. Sithatha umdlalo ngamunye, ngakho-ke iBay kufanele ikuqonde ukuthi sizele iwini kulo mdlalo ngoba sihlose ukunqoba zonke izicoco esizozidlalela.
"Engikucelayo wukuthi abalandeli bethu baqhubeke nokuseseka njengoba benzile sibhekene ne-Arrows," kusho u-Ouaddou.
NGUMQEQESHI wePirates, u-Abdeslam Ouaddou.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Lo mqeqeshi uveze ukuthi babambe umoya ngoSihle Nduli odlala esiswini, ophume ngohlaka emdlalweni we-Arrows ekhala ngezinhlungu.
"Engingakusho wukuthi ikilabhu ilapha eThekwini, kodwa yena useGoli lapho ehlolwa khona ngodokotela bekilabhu.
Okwamanje sisabambe umoya ngaye," kusho u-Ouaddou.
Ebuzwa ngokungabonakali kukaTshegofasto Mabasa emidlalweni emine edlule noKamogelo Sebelebele oseqiwe ngemine, uthe: "Baseyingxenye yeqembu, nelabo ithuba liyeza."