14 |Izindaba
Friday, 07 November 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Sekuzoba yicala ukuhamba nge-number plate endala. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Thengukudla Yise-Wamakholwa Sangweni:
Kusho ukuthi sizoboshelwa ama-ID esingawashintshi, siphinde siboshelwe ama-number plate. Kusho ukuthi ijele liyanginyonyo-bela.
Bla Blai Shandu:
Lona ophethe ebhalwe premier kusho ukuthi sewayishintsha.
Dr Ngogi Mahaye:
Hhawu. Kwashiwo kudala ngaloya nyaka ukuthi sinikwa isikhathi esingakanani, hhayi manje.
Kusho ukuthi bakhona abanga-theli nje nhlobo, abahamba ngamalahle. Le nto yaseMzansi yokuthi yonke into eyamahhala. Kahle kahle sizofunda nini ukuzimela?
Njalo imicibisholo asiyibhekisi kithina (self-introspection). Abanye bakhala ngabazali, abathakathi, amabhadi, umndeni, imfundo nokunye.
Akekho okhala ngaye ngobuvila bakhe, nezinga-ne zakhe ezizivalela emakame-lweni, zihlulwe nawukuwasha izitsha.
Kazixoshwa go emisebenzini, zifika late, zidakwe wutshwala, zibuthwa phansi.
Mkhwanazi Mandla:
Manje bazothi icala ngelani ngoba imoto izobe ithelile, futhi isesime-ni sokuthi ingahamba emgwa-qweni nami ngine-licence? Isigcino sizoboshelwa ukuthi sihamba ngo-petrol omncane.
Nhlanhla Msweli:
Makube mahhala njengoba kuvotwa mahhala.
Thulani Khustas:
Eyami imoto kayisatheli nkosi yami, engabe ngizokwenzenjani? I-logbook kayikho, umuntu engayithenga kuyena usashona. Kungcono ngivele ngiziqagelele ezami, DJ KH OO ZN. Asazi-ke uma ifana neyakho sesiyohlanga-na khona.
Sbahle Yoghurt Ngcobo:
Mina uyangethusa vele umuntu osano-ND.
Sanele Khawula:
Kusho ukuthi bebesifakisa ama-number plate ayicala iminyaka emingaka?
Bongani Zulu:
Manje ngoba kuno-21 days esinikwa wona, sizoboshwa nathi?
Nduh Kwaneleh:
Kazi kuzoba yicala nini ukuba nemigwaqo engekho esimeni esihle kubaphathi baseKZN?
Ntuthuko Man T Mhlanga:
Icala lokunuka yini! Make baqale ngokubeka icala labo abangaka-washintshi ama-ID bese kuziwa kuma-number plate, bagxumela entweni yayizolo lokhu.
Dumie Mzelemu:
Ngoba asibambisene siyohlezi sidlala laba bantu abaphezulu. Kumanje sixakwe yizinto eziningi.
Zwelithini Majozi:
Nalana emigwaqweni yasemakhaya yini?
Phela ayikweleti, kuyafiwa qobo!
Nqanawe Khwela:
Ungafunga ukuthi ifakwa mahhala. Hheyi ngoba ukuphathwa ngabantu abahlezi becabanga ukwenza inzuzo. Baqale bathi izoshintshwa mahhala, jiki-jiki sikhishiswa o-R400.
Zondi Mthokozisi:
Mina ongashaya uLuthando Mzila usisi wami, angakubona okwaboniwa nguSawuli, ebheke eDamaseku.
Sphelele Mthethwa:
Malini i-bail?
Nompumelelo Goodness Dludla:
Saze sabhedeleka.
Queen Kim Ltia:
Zakhala.