12 | Izindaba
Friday, 07 November 2025
AMADODA nezinsizwa ezisakhula, kuthiwa kabanazo izindawo abangakhala kuzona uma benezinkinga, okuholela ekutheni bagcine ngokuzibulala.
Kukhuthazwa amadoda ukubhodla ngomkhankaso iBrovember
Mthokozisi Dlomo
KUNXUSWA amadoda ukungafeli ngaphakathi ngezinto eziwakhathazayo, ngomkhankaso iBrovember, oqhutshwa ngale nyanga kaLwezi (November), okuhloswe ngawo ukukhuthaza impilo enhle ebantwini besilisa.
Ngokwezibalo zakamuva zeSouth African Society of Psychiatrics, iNingizimu Afrika isendaweni yeshumi ohlwini lwamazwe anezibalo eziphezulu zabantu abazibulalayo, kanti iningi lezisulu ngabantu besilisa.
Ebantwini abawu-13 774 okubikwe ukuthi bazibulele kuleli ngo-2019, abawu-10 861 ngabesilisa.
Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi kuningi abantu besilisa ababhekana nakho, okuba-hluphayo emoyeni, kodwa bangakwazi ukubhodla, basizakale ngenxa yezinkolelo zokuthi "indoda kayikhali", okwenza loyo ophumela obala, afune usizo, abonakale entekenteke.
Umkhankaso iBrovember, oholwa yinhlangano engayenzi inzuzo, iMen's Foundation, uqondene ngqo nokushintsha indlela abantu emiphakathini abayithatha ngayo indaba yengcindezi nokhwantalala ebantwini besilisa.
Ngokombiko wenhlangano ebhekelele ucwaningo ngezinhlelo zezempilo, iHealth Systems Trust (HST), izinhlelo zokwelekelelwa ngosizo lokwelulekwa ngokomqondo, kazifinyeleli ngendlela efanele kubantu abazidinga kakhulu, ikakhulukazi labo abasemazingeni aphansi ngokwempilo.
"Ezigidini zabantu besilisa baseNingizimu Afrika, into ababona iseduze yokuzama ukuthiba ukhwantalala yizinto ezifana nezidakamizwa notshwala (njengasesithombeni esingezansi).
"Lezi zinto zinesandla ezigamekweni zodlame nokuhlukumeza okuhlobene nobulili emakhaya.
"Abesilisa abangacwili ezidakamizweni, abanye babona ukuzibulala njengesixa-zululo," kusho iHST esitatimendeni.
IMen's Foundation, yenze isiqubulo somkhankaso walo nyaka saba wunombolo "80", njengoba ithi emizuzwini (minutes) ewu-80, kunowesilisa othatha impilo yakhe eNingizimu Afrika.
Kuzokuba nezinhlelo ezizosatshalaliswa ezweni lonke zokuhlanganisa abesilisa, bakhulume ngezinto ezibahluphayo, futhi bakhuthazwe nokungayexwayi imitholampi-lo, bahlolelwe nezifo ezinjengomdlavuza.
Ukuthola usizo lokwelulekwa ngokomqondo noma unenkinga yokucwila ezidakamizweni, ungaxhumana neSouth African Depression and Anxiety Group ku-0800 567 567/0800 121 314 noma uthumele iWhatsApp ku-076 882 2775 phakathi kuka-08h00 ekuseni no-17h00 ntambama.