11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 07 November 2025
Kodwa sugar and and spice, ndoni yamanzi ubuhle bakho nebala lakho kungenza ngifise ukuba ufudukele kwelakithi elikabhanana sizofunzana ophayinaphu baseThekwini abanama-spice.
Namuhla sigawula induku enhle yaseTanzania. Le ntokazi nguJulitha Kabete, iqale ukugqama ngesikhathi ibhincisela nxanye ezinye izintokazi, yahlwitha isicoco sikaMiss Tanzania 2017. Emuva kwalokho ibe semehlweni omhlaba njengoba isikhangisa ngemikhiqizo eyahlukene yezinkampani ezinkulu.
Ngihlulwa ukuthi angizazi izithakazelo zakho, ngabe ngiyakuthakazela. Ngingaqasha nebhasi kube elethu nje lomjolo ukuze bangakumpintshi futhi bangangithatheli wena.
Nkosazane kuthiwa ubucu obuhle obuhamba ngabubili. Sale usunginika ucu, ungenze umuntu nami khona kuzoDesembeka....