09 I Izindaba
Friday, 07 November 2025
Kulobe
uThandi Zondi
Izindaba
Kuthiwa lo mfanyana wazithintela ngokubuza umshayeli ukuthi kungani egijimisa imoto...
USEVULELWE icala umshayeli wetekisi ethutha izingane zesikole, okubikwa ukuthi ushaye ngezimpama ephindelela ingane eneminyaka ewu-10 ubudala, efunda eSiphingo Hills, eThekwini.
UNkk Zanele Ngidi wase-Adams Mission, ongunina walo mfanyana oshayiwe, uthi okumphatha kabuhlungu wukuthi umshayeli wemoto akakaze amchazele ukuthi uyishayelani indodana yakhe.
"Ushaye ingane yaquleka, uma esuka lapho wayithatha wayibeka phansi ngaphandle kwasesikoleni. Uze watshelwa yi-security lasesikoleni ukuthi makayingenise ngaphakathi. Wazi kahle ukuthi ingane inesifo sokuwa, kodwa phezu kwalokho wenza le nto," kusho uNkk Ngidi.
Uthi mhlawumbe ngabe lolu daba kaluzange lufike ngisho emaphoyiseni ukuba akazange abaleke lo mshayeli.
"Bengilindele ukuthi eze kithina, asichazele njengabazali bengane ukuthi kwenzekeni, kodwa kunalokho ngigcine sengichazelwa yizingane ezigibela nomfana wami emotweni. Zithi umalume ubeshayela kabi, wacishe washayisa izingane ngemoto. Le eyami ingane ibe isimbuza ukuthi 'kungani malume ugijima'. Kuthiwa umise imoto eceleni komgwaqo, wayishaya ngezimpama.
"Uma sihambisa izingane ngezimoto zomalume sisuke silindele ukuthi baziphathe kahle, babe ngabazali nxashana singekho. Ngumzali onjani oshaya ingane ngempama?
"Okubuhlungu wukuthi akafuni ukwehlela ngezansi kodwa ukhethe ukubaleka, ngisho nomnikazi wetekisi uthi akamazi, uvele wanyamalala," kusho uNkk Ngidi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaywa kwengane eneminyaka ewu-10, okusolwa ukuthi ishaywe ngumshayeli wemoto yesikole.