07 | Izindaba
Friday, 07 November 2025
Bafisa kuxegiswe isikhathi sokuphela kwemicimbi yangoDisemba esisami ku-12 ebusuku
NGUBABES Wodumo ongomunye wabaculi abazoba yingxenye ye-Ink Kasi Xperience.
Lucky Cain
BABAMBE umoya abahleli bemicimbi emikhulu yamaholide kaDisemba, ngesicelo abasifake kuMasipala weTheku, sokuthi uxegise imithetho yesikhathi sokuvalwa kwemicimbi ngalesi sikhathi sonyaka.
UMasipala weTheku unomthetho wokuthi yonke imicimbi yokujabula kumele ivalwe ngo-12 phakathi kwamabili, kanti lesi sinqumo siyabashaya abahleli bemicimbi emikhulu eThekwini.
NGUMNU Philani "Splash" Ngwenya, ohlela umcimbi waminyaka yonke, i-Ink Kasi Xperience, ozokuba ngomhla ka-15 kuDisemba ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UMnu Philani "Splash" Ngwenya ohlela umcimbi waminyaka yonke obizwa nge-Ink Kasi Xperience, ozokuba ngomhla ka-15 kuDisemba, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, uthi uyabahlukumeza lo mthetho, njengoba ungeke ugcine ngokulimaza imicimbi yabo kuphela, kodwa nezokuvakasha zizoshayeka.
"Akekho umuntu ozosuka kwelinye idolobha noma kwesinye isifundazwe eze emcimbini ozoba seThekwini, ekubeni uzosheshe uphele esafisa ukuqhubeka nobumnandi.
"Lokhu kungabeka impilo yabo engcupheni uma sekumele bashayele ebusuku, bebuyela emakhaya bengasitholanga nesikhathi sokuphumula kahle ngaphambi kokungena emigwaqweni," esho.
Nabanye abahleli bemicimbi bazwakalisa ukukhathazeka ngalo mthetho.
NGUTDK Macassette, ongomunye wabaculi abazoba yingxenye ye-Ink Kasi Xperience.
"Esikucelayo wukuthi umasipala usizwele, futhi usibhekelele ngoba imicimbi efana nowe-Ink Kasi Xperience, ulanda izinkumbi zabantu abasuke bezimisele ukuzojabula ngendlela ephephile ubusuku bonke, endaweni abazozizwa bephephile kuyona," esho.
USplash ubekhuluma neLANGA Lempelasonto ngoLwesibili, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni lo mcimbi walo nyaka, ozokwenzeka ngendlela ehlukile.
Kulo nyaka kuzokuba neziteji ezimbili, njengoba kwesikhulu kuzosina kudedelane izintandokazi okubalwa kuzona uMaphorisa, uKabza De Small, uMorda, uMawhoo, uTira, u-OK Malumkoolkat, uZola 7, iDistruction Boyz, iBlaq Diamond, uDladla Mshunqisi, uDankie Boi, uBabes Wodumo, iWe Dem Boyz, uMgilane (osesithombeni esingezansi), iBig NUZ, uNtencane, uHappygal, uZakwe, uDuncan, uTDK Macasette, uWobbly, uC'ndo, uBerry & Shakur, uSjerere nabanye.
Esiteji sesibili kuzoqephuza uCairo, uMerlon, uDrega, uSkillz, uSonic, uSpeech, Umlangeni, uNzwiri, u-Andy West, u-Agape Musik nabanye.
Abaphathi bohlelo nguFlymotion, uNgizwe Mchunu, uThah Simelane, uNgabade, uMdonso, uBingelela, uScrewdriver noMzwezwe (boZalo), uGap nabanye.
Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala eTicketpro kusukela ngo-R200 kuya ku-R400 awezicukuthwane.
Usihlalo wekomidi lezokuvakasha nokuhlelwa kwemicimbi kuMasipala weTheku, uMnu Thembo Ntuli, uvumile ukuthi bakhona abahleli bemicimbi asebekhalile ngezikhathi zokuvalwa kwemicimbi.
Uthe kunekomidi elisehhovisi leMenenja kaMasipala, elicubungula lezi zicelo, kanti unethemba lokuthi sizoba khona isixazululo esizokwazi ukuvuna bonke abathintekayo.