05 | Izindaba
Friday, 07 November 2025
USiya ukhale ngokuthi isisulu sasenza izenzo zokungathembeki...
Ubuye waveza ukuthi isisulu sashayeka ngephutha....
Thandoluhle Ngubo
ISISULU esashaywa ngowayengumsakazi woKhozi FM, uSiya Mhlongo, sizwakalise ukuthi sinethemba lokuthi uzothola isigwebo esizomelekelela ahlumelelise isimilo, aphinde ahambe ongoti bokwehlisa ulaka nokuhluthukelwa kalula yinhliziyo.
UMnu Njabulo Duma, oyisisulu sokushaywa, ubekhuluma naleli phephandaba ngemuva kokuba uMhlongo elahlwe yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza, yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu.
Leli phephandaba libike ngalolu daba kusuka ngosuku lokuqala kwenzeke isigameko, lapho okwavela khona ukuthi uDuma noSiya, okuthiwa babesebudlelwaneni bezothando, babesuka kwenye indawo yobumnandi esemgwaqweni uFlorida, eThekwini.
Kwabikwa ukuthi ngesikhathi besuka kule ndawo, uDuma wavalelisana nomunye wesilisa okuthiwa ungumngani wabo ngokuthi, "mncwa, mncwa", nokuvela ukuthi yikho okwacasula uSiya.
Kuthiwa sebesukile kule ndawo, uSiya wabuza isisulu ukuthi kungani singahambanga nalo wesilisa ebesivalelisana naye, wabe esemshaya ngebhodlela leSavannah ebusweni.
Ebufakazini obethulwe nguSiya enkantolo, uthe isisulu sashayeka ngebhodlela ngephutha njengoba ayezama ukuzivikela (nesisulu) kubantu ababezama ukubaduna imoto.
Watshela inkantolo ukuthi imoto yakhe yaze yatholakala ngemuva kwezinyanga ezimbalwa esiteshini samaphoyisa esiseMlazi.
Watshela inkantolo ukuthi uDuma wayenza izenzo zokungethembeki, ezifana nokusondelana kakhulu baze baqabule izandla, baphephethane nomunye wesilisa. Wathi lokhu kwamnenga ngoba kwakuyinto ababevumelene nesisulu ukuthi ngeke yenzeke.
Ummeli kaSiya, uSimphiwe Cyril Mlotshwa, watshela inkantolo ukuthi uyabuchitha ubufakazi bukaDuma ngoba kabunasisekelo futhi akasakukhumbuli okwenzeka ngoba wayeqise ezinkambeni zikaFaro.
Yethula isinqumo ngoLwesithathu iMantshi uMhlonipheni Sibiya, icaphume ingoma kaThemba Mkhize ethi, "Anobhasobha amankwebevu". Ithe ikholwa wukuthi ukuba uSiya noDuma babengaphuzile ngokweqile, ngabe kasenzekanga isigameko.
Ithe inkantolo ithole ukuthi uSiya wadinwa wukuthi uDuma wayenza izenzo ezikhombisa uthando komunye umuntu wesilisa, okwathi sebehamba, wamisa imoto wamshaya.
USibiya ube esemthola enecala, icala laguqela umhla ka-27 kwephezulu ukuze kwenziwe izethulo zokumncengela isigwebo, bese siyaphuma naso (isigwebo).
UDuma, ongumfundi wezomthetho, utshele leli phephandaba ukuthi akufisayo wukuthi uSiya athole usizo lokukwazi ukulawula ukudinwa kwakhe.
"Ngingasho ukuthi ngijabule ngesinqumo senkantolo, kodwa engikufisa kakhulu wukuthi athole usizo, akwazi ukulawula ukuthukuthela kwakhe. Kungaba kuhle uma inkantolo inganquma nokuthi kube namakilasi azowahamba kochwepheshe abazomelekelela ehlise ukudinwa," kusho uDuma.