18 | Ezemidlalo
Friday, 07 August 2026
NGU-AUBREY Modiba oyisitobha seDowns.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Zakhele Mchunu
ISILOMO sesitobha seMamelodi Sundowns neBafana Bafana, u-Aubrey Modiba, sichaza ngemizuzu enzima ababhekane nayo ekhempini yokulungiselela ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership, abayibambe ngaphansi kwefu elimnyama kushona uJayden Adams ngaphambi kokuqala kwayo.
ISundowns yaphoqeleka ukuhlehlisa ukuyobamba ikhempu e-Austria emuva kokutholakala kuka-Adams ezilengisile.
Le kilabhu yaqala yayoveza amakhanda emndenini ka-Adams ngaphambi kokufulathela elakuleli, kwazise yayingeke ikwazi ukuba yingxenye yomngcwabo walo mdlali owayesanda kubuya emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa owawubanjelwe eMelika, eCanada naseMexico.
NGU-JAYDEN Adams.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iMTN8 ngoLwesithathu ebusuku eGoli, uModiba uthe bekuyisikhathi esinzima kubona bonke abantu abayingxenye yamaSandawana ukubhekana naso njengoba lesi sigameko sithinte izwe lonke.
Uthi kunabadlali beDowns obekucaca ukuthi badwanguza kude ngokomqondo, ngisho sekuqhubeka ikhempu e-Austria, okuyinto esingathwe ngesikhulu isinono ngabaqeqeshi, bakwazi ukubacathulisa ukudlula kulesi simo esibashaye kakhulu imiqondo.
Ubunzima abebebhekene nabo buholele ekutheni kuhlehliswe nomdlalo weSundowns wokuvula obekufanele iwugijime neMarumo Gallants ngeledlule njengoba le kilabhu yephuzile nokubuya e-Austria.
Nokho uModiba uthi sebewulungele umdlalo nePolokwane City abazogadulisana nayo kwiQuarter final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eLucas Moripe Stadium, e-Attridgeville.