16 | Ezemidlalo

Friday, 07 August 2026

Image
Isemkhankasweni wokunqoba iMTN8 okwesihlanu iminyaka ilandelana

NGUNKOSINATHI Sibisi ongukaputeni we-Orlando Pirates. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IPirates isenegqubu 'ngabadelela' ibheji

Senzo Sokhela
 
UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uNkosinathi "Bhodlela" Sibisi, uthi basazibambele igqubu izimbangi abazobhekana nazo emqhudelwaneni weMTN8.

IBucs izodudulana neDurban City kwiQuarter final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Orlando Amstel Arena, eSoweto.  

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola kwazise ukaputeni weDurban City, uSiphamandla Ncanana, wakhuluma amazwi alumelayo ngesizini edlule ngesikhathi la makilabhu ebhekene koweligi, ethi iPirates yigama nje, kayinasimanga.

Kulowo mdlalo, iPirates yayidinga amaphuzu agcwele ukuze iqukule iBetway Premiership, kodwa iDurban City yayibamba ngqi ngo-0-0 emdlalweni owabe wandulela eyokusonga isizini.

IPirates yaze yanqoba lesi sicoco ngokwehlula i-Orbit College ngo-2-0 emdlalweni wokugcina wesizini edlule.

La mazwi kawehlanga kahle kubalandeli beBucs njengoba basongela iCity ngokuthi izokubona okwabonwa nguSawuli uma la makilabhu esebhekene kwiMTN8.

USibisi ukuvumile ukuthi basanegqubu ngokwenziwa yiDurban City kubona ngesizini edlule.

"Umdlalo wethu neDurban City usuphenduke owamagqubu ngenxa yento eyayenza kithina ngesizini edlule. Besishaya kwasani eSgodini (Orlando Amstel Arena), yafika yona yazosonela umcimbi, yaphinde yakhuluma amazwi ayiziswana. Sesiphinde saqondana, masibone ukuthi kuzokwenzekani," kusho uSibisi.

Image

NGUSIPHAMANDLA Ncanana ongukaputeni weDurban City. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UNcanana uthi kabanalo noluncane uvalo ngePirates.

"Ngikholwa wukuthi sizilungiselele kahle. Noma kanjani sizobanika umdlalo onzima. Kasinayo ngisho encane ingebhe ngabo, siyokwenza umsebenzi thina nje kwaphela," kusho uNcanana.

IPirates yiyona evikela iMTN8 njengoba isiyinqobe amahlandla amane kulandelana.

Isiyonke imidlalo yamaQuarter final eMTN8 imi kanjena:-
NGOMGQIBELO
E-Orlando Amstel Arena: Orlando Pirates vs Durban City 15h00.
ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Polokwane City 18h00.
NGESONTO
EChatsworth: AmaZulu FC vs Sekhukhune United 15h00.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Lamontville Golden Arrows 18h00.