15 | Izindaba
Friday, 07 August 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Umhlaziyi ubiza iMK Party ngexhiba likaMsholozi,
baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Nkosi Ndovela:
Yini uma kunezinguquko ezenziwa kwi-MKP, kuphatheke kabi la maqembu ayizitha zayo, akhulume ukwedlula iMKP?
Ndumiso Cebekhulu:
Asinandaba thina, siyolivotela ngoba simyathanda uNxamalala.
Nontuh KamaChibi Mngadi:
Ixhiba, elexhiba. ππ
Gwanyana Mqamu:
Vele kuphekwa kuthululwe, akulona nje iqembu ongalethemba ngevoti lakho leli.
Mxolis Rudolph:
Asinandaba. Sizoyivotela iMKP, asibizwanga kuyona,Β sazizela thina. Ngeke sidlale laba akade babehamba ngo-blue light mahhala.
Nompumelelo Nqami:
Lapho kumnandini exhibeni. Gwaza mkhonto gwaza!
Gwilikani Msolo:
Ayikho into engayezela isizwe iMKP, yinto yasekhaya nje. UZuma uhlakaniphile, usebenzisa ugazi lwakhe ebantwini.
Xolani Ntsoya:
Ngeke bayiqonde abalandeli le nkulumo yomhlaziyi, kodwa isho ukuthi zonke izinqumo zithathwa eNkandla, emzini kaBaba uNxamalala. Ngizama ukuthi kakukho okusha ngale nkulumo, sonke siyakwazi lokho, ngisho nabo abalandeli beMKP.
Thokozani Mthembu:
Nithela amanzi emhlane wedadaΒ nje lana. UMsholozi sihamba naye, futhi yinina enenza simthande kakhulu kunayizolo.Β
Kumnyama kubomvu, siyawakhipha amasela.
Siphesihle Zwane:
Kodwa ngamaFormer Cde ami. Kodwa-ke naziyela nina, ziyakhala manje, futhi ngeke nenze nix.
π
π€£π€ππ
π€£
Vusi Kenneth:
Uma kuwukuthi akuhambi kahle ngendlela ofuna kuhambe ngayo, shintsha.
Zakes Zakhele:
Ngiyayisaba into eyokwenzeka kwiMKP mhla kwashona uZuma.
Mshengu Shabalala:
Ukhamba lukhishwa ngolunye.
π€£π€£
Jabu Conie Zuma:
Kuhle impela azakhele ixhiba lakhe. Kusho ukuthi singamfanisa noNoah owazakhela umkhumbi, kodwa kwakhosela wonke umuntu kuwona.
Ayanda Buthelezi:
Β Vele yixhiba lakwaDakwadunuse. Ophikayo yingoba uzitshela ukuthi kukhona okungcono azokuthola.
Mthokozisi Snothi Ndlovu:
Uqinisile lowo mhlaziyi. π
Percy Zwane:
Uqinisile ngempela umhlaziyi.