14 | Izindaba

Friday, 07 August 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Ubulawe yishende uthisha obedivosa umyeni,
baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:

Image

01


Simphiwe Mhlongo:

Uyabona-ke lo mfazi wayethelwe ngenyongo. Kudinwe idlozi.

02


Zihlandlo Ka Gcwabe:

Cishe u-99,9% wabesifazane uma bedivosa, basuke sebeqomile. Nayi-ke imphumela yokuqoma ushadile.

03


Bheko Bk:

Uyathandaza lomyeni.

04


Siyanda Kunene:

Uthi uya enjabulweni, kanti uya ekufeni.

05


Mondli Njezi Biyela:

Inzima kakhulu impande esetshenziswe yile ndoda ebisanda kwaliwa.🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣

06


Msizi Msizoraa Kunene:

Lisebenza 24hrs idlozi lomyeni!!

07


Thola Ndlovu:

Manje uzongcwatshwa kuphi ngoba phela ubesashadile?

08


Zakhele Smith:

Akukho zinyane lemvubu ladliwa yizingwenya kwacweba iziziba. 💪 Ukhona onomsamo o-powerful la.

09


Pitso Mabaso:

Libonile ukuthi nalo uyolidivosa mhla bashada, lasheshe lamsusa engakaqali nokuqala ukudlala ngalo ishende.

10


Fana Themba Xaba:

Umuntu ashiye indoda emphatha kahle, ayohlala nesigebengu. Buka manje le ndoda isizosala nemali yonke yomkayo, iphinde ihole nyanga zonke. Ube nenhlanhla umyeni ukuthi angabulawa yilesi sigebengu.

11


Tasha Lucia Mabhungane:

Ngempela ngempela kusekhona abantu besifazane abasaqoma kulokhu kubulawa okunjena ebantwini besifazane?
Mmmm ay Shem bayariska ngempilo yabo.

12


Thembinkosi Mabaso:

Yaze yayimbi imiphumela
ye-divorce. Bekungcono azihlalele nomyeni wakhe.

13


Silindile Magubane Nkomose:

Akuqashwa esikoleni?

14


Lindokuhle Szathu Godide:

Umfazi ogana ngokwesintu, ngumfazi wethongo. 🤘🤘

15


Mondli Mashiza:

Uke uzwe kuthiwa umuntu uvuna akutshalile?

16


Thandi Mthembu:

Umjolo mawuyekwe bakithi, bayaphela abantu benkosi.

17


Nozapru Mvuna:

Limbulalelani manje coz I'm sure she was divorcing so that bezoba ndawonye? 🙄🙄