11| Ezikaqedisizungu

Friday, 07 August 2026

 Hhola Mntwana!

Nginike intando ngizidlise ngoba vele ngingowakho...

Image

Kwangathi ngizobuthanda nakakhulu ubusika uma buzosivezela ubuhle obunje. Uma kukhulunywa ngendlovukazi, kushiwo wena osudabule inhliziyo yami yaba yizicucu. Nkosazane bathi ngolukaJoji, my heart skips a beat. Eyami ungathi izoma indlela, engithatheke ngayo nguwe.

Image

Uyazi uma bekhuluma ngokuthi umuntu una-that thing, bengingabaqondi ngaze ngabona wena hun. Namuhla sithi, "Hhola Mntwana" entokazini eyaziwa ngelikaJuss Gigi. Yinapa yaseSoweto, eGoli le, ingumculi, umdansi, umlingisi kanti nezamabhizinisi ayizishalazeli.

Image

Noma ubungalikhumula nje lelo jazi ngikuphathele lona, ngeke ngikhononde mina mbaliyesizwe. Ewu madoda, nginike intando ngizidlise ngoba vele ngingowakho. 

Image