06  | Izindaba

Friday, 07 August 2026

Kulobe: uLucky Cain

Izindaba

Ummeli ucacisa ngamabheyili anikwa uMkhwanazi

UMkhwanazi ziphinde zamkhalela ngecala lokufa komuntu...

NguBrigadier Julius Mkhwanazi oyisikhulu samaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (Ekurhuleni Metropolitan Police Department), eGauteng osamisiwe.

ALISAKHEMEZELI seliyayidliva empilweni kaBrigadier Julius Mkhwanazi, oyisikhulu samaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (Ekurhuleni Metropolitan Police Department), eGauteng osamisiwe.

Lokhu kuza emuva ephinde wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoLwesithathu, ngecala elithinta ukubulawa kukaMnu Emmanuel Mbense ngo-Ephreli ka-2022.

UMkhwanazi uboshwe nabanye abane ngaleli cala, babhekene namacala okubulala nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Sekungokwesine kulo nyaka uMkhwanazi engena ezikhindini, njengoba engaphandle ngebheyili kuwona wonke amanye amacala abhekene nawo.

Ukuboshwa kwakhe ngoLwesithathu kuvuse izinkulumo kubantu abaningi ngokusebenza kwengalo yomthetho, nokuthi ngabanjani abakwazi ukuthola ibheyili izikhawu zize zibe ntathu.

Image

NguBrigadier Julius Mkhwanazi, enkantolo ngelinye lamacala abhekene nawo.

Amanye amacala uMkhwanazi abhekene nawo kubalwa elenkohlakalo nokukhwabanisa, elokwebiwa kwamadayimane angabiza
u-R14.9 million, nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Kuwona wonke la macala nalabo aboshwe nabo ngokuhlukana kwabo, ubelokhu ethola ibheyili.

ILANGA Lempelasonto lixhumane nommeli uMnu Sandile Khumalo weSandile Khumalo Incorporated, ochaze kabanzi ngemibandela yokuthola ibheyili kunoma ngubani osolwayo.

Uthe emacaleni abhekene noMkhwanazi okumele kuqapheleke wukuthi, wonke la macala abhekene nawo uwenze engakaboshwa.

"Esikhathini esiningi imigomo yokunqatshelwa ibheyili kumsolwa ongaphandle ngayo, kusuke kudalwe wukuthi wenze elinye icala ngesikhathi esengaphandle ngebheyili.

"UMkhwanazi uwenze la macala engakaboshwa, okwenza akwazi ukulokhu egixabezwa ngebheyili," kuchaza uKhumalo.

Uthe wonke umuntu unalo ilungelo lokuthola ibheyili, noma ngabe icala alenzile likusiphi isigaba.

Image

Uthe phakathi kokubhekwayo yikheli umsolwa ahlala kulona, uyasebenza, ukuphuma kwakhe ngeke kuphazamise uphenyo noma kuhlukumeze abasolwa nofakazi, nokuthi ngeke alibalekele yini icala.

Uthe akukho obekungavimba ukuthi uMkhwanazi athole ibheyili, kuwona wonke la macala abebhekene nawo.

"Nalo leli nakuba liyisigaba (schedule) esithe ukuba ngaphezulu kunalawa amanye, kodwa uma inkantolo isagculisekile ngemininingwane esiyibalulile yokuthola ibheyili, akukho okungavimba ukuba aphinde ayithole," echaza.

Omunye ummeli uNkz Zodwa Zwane weMathikithela Attorneys, ezinze ePretoria, naye uhambe emazwini kaKhumalo, kodwa wakucacisa ukuthi icala necala libhekwa ngokuzimela, kanti ngokomthetho waseNingizimu Afrika wonke umuntu usuke emsulwa kuze kube utholwa enecala yinkantolo esemthethweni, ngaphansi komthethosisekelo.

"Wonke amacala umuntu ahlangabezana nawo ayabhekwa nokuhlobana kwawo, uma engahlobene abhekwa ngokuzimela kwawo bese kuthathwa isinqumo," kusho uNkz Zwane.

Uveze ukuthi wonke umuntu ophuma ngebheyili, uyanikezwa imigomo ehambisana necala abhekene nalo.

Image

Abameli bacacisa eyabanikwa ibheyili kuphindelela.