18 | Ezemidlalo

Friday, 06 March 2026

Ufisa ukuba ngowokuqala ukufaka uSuthu kweyeCaf ngeNedbank Cup


U-Arthur Zwane uzimisele ngokuklinya iCasric zisuka ukugwema eyakwenza kwiPirates

Image

NGUMQEQESHI wamaZulu FC, u-Arthur Zwane. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu

UZIMISELE ngokuzakhela igama ngokuba ngumlolongi wokuqala ukunqobela AmaZulu FC inkomishi ezowafaka kwiCaf Confederation Cup u-Arthur "10111"Zwane ocija le kilabhu eqhathwe neCasric Stars kwi-quarter final ezokuba ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Uthi bazokwenza konke okusemandleni ukuyikhipha iCasric kulo mqhudelwano ukugwema ihlazo lokwehlulwa yikilabhu egijima esigabeni esincane kunesabo, njengoba idlala kwiMotsepe Foundation Championship (MFC).

Uthi ukudlala kwezitha zabo kwiMFC ngeke kubenze ukuba bazithathe kalula, ngoba zifinyelele kulesi sigaba ngokuwashisa ijezi izingqungqulu zebhola laseNingizimu Afrika, i-Orlando Pirates, ejwayele ukuwola izinkomishi.

Uthi yonke imidlalo ibalulekile yize ekhale kakhulu ngamaphuzu abawalahle bebambana neMagesi FC ngo-0-0 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Image

NGU-ATHINI Maqokolo, oyisiphekepheke soSuthu.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthi uzoqikelela ukuthi abadlali baya kulo mdlalo beqaphe ngolokhozi, ngoba iphutha elincane lingenza ukuba bazisole njengoba iCasric ibunjwe ngabadlali abaningi abasebancane, abalambele ukuzakhela igama kunobhutshuzwayo.

"Ngiyazi ukuthi iCasric izofika inokukhulu ukuzethemba (njengoba yakhipha iPirates). Yingakho kufanele siqaphele kusuka umdlalo uqala, kuze kube uyaphela," esho.

Umdlali woSuthu u-Athini Maqokolo (21) ohlabane ngeMitsubishi eqokwa njengomdlali ovelele we-quarter edlule kule kilabhu - eqwaqwada bonke abadlali boSuthu, njengoba ebevotelwa ngabalandeli - kulindeleke ukuthi abe ngomunye wabadlali abazosiza AmaZulu kulomdlalo.

USuthu lulwa nokuqeda ishobolo leminyaka ewu-34 lwagcina ukuqukula inkomishi. Phela kwakuwu-1992 ezikaMandlakazi ziqukula indebe ngokwehlula iKaizer Chiefs kwiCoca Cola Cup.

USuthu lwalucijwa nguClive "The Dog" Barker (ongasekho) ngaleso sikhathi.