22 | Ezemidlalo
Friday, 06 March 2026
NGU-IRVETTE van Zyl.
Mzwamandla Zondi
UFUNA ukubuyisa izikhathi zakhe zenjabulo u-Irvette van Zyl ngokunqoba iTotalsports Two Oceans Ultra Marathon ezokuba ngomhla ka-11 ku-April, eCape Town.
Lo msubathi ongaphansi kweHollywood Athletics Club, kubhekeke ukuba athwale kanzima kuzakwabo uGerda Steyn oyingqwele yalo mjaho.
Nyakenye, u-Irvette wayeyingxenye yeTwo Oceans, kodwa wagcina engakwazanga ukuwuqeda umjaho ngenxa yomkhuhlane, okwaholela ekutheni aphume uma edlula ku-40km.
Ekhuluma nabakwaStillwater Sports - okuyibona abasabalalisa ulwazi ngalo mjaho - uthe: "Nyakenye ngafika kulo mjaho ngihamba nomyeni wami nezingane. Ngagula okwaholela ekutheni ngingawuqedi.
"Nonyaka ngizokube ngihamba ngedwa. Ngikhulumile nezingane, kazaze zaba nayo inkinga ngokuthi ngizozishiya. Ngizokuya kulo mjaho nginokukhulu ukuzethemba, kungefani nanyakenye."
NGU-GERDA Steyn oyingqwele yalo mjaho.
Ukulungiselela lo mjaho, lo msubathi uqophe isikhathi esiwu-2:49:49 enqoba iBalwin Run Series (42km) ePretoria, okuwumjaho onezintaba ezinzima. Ngeledlule ungene unombolo 9 kwi-Absa Run Your City Gqeberha 10k, enza u-33:57.
Ngaphandle kukaGerda, abanye abasubathi besifazane abazokube beyingxenye yalo mjaho nguLoveness Madziva weNedbank - onegolide kuwona - nguBanele Mabizela osubathela iNtsika, ophekwa nguWillie Mtolo, noNwabisa Mjoli bobabili baKwaZulu-Natal abazokube beqala ukubamba iqhaza kulo mjaho.
NGUBANELE Mabizela ozokube eqala ukugijima iTwo Oceans Marathon.
USihlalo weTwo Oceans, uChris Goldschmidt, uthe bajabule ngokuba khona kuka-Irvette emjahweni wanonyaka.
Uthe ungumsubathi waseNingizimu Afrika ohlonishwayo, kanti babheke ukuba abe ngomunye wabazokwenza kahle kulo mjaho.
Izingqwele ze-ultra nonyaka zizohlomula ngo-R380 000, kanti nyakenye kwakuwu-R250 000.