11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 06 March 2026

HHOLA MNTWANA!

    Ngizophilela ukugculisa wena nobuhle...

Image

Uma kukhulunywa ngomuntu ongashodi ngalutho, kukhulunywa ngawe nobuhle. Sengisola sengathi namehlo ami ayangikhohlisa ngoba uqhakazile ngane yomuntu. Wangibuka kahle ntombi kwangathi uzonginika ucu. Uma unganginika okusenhliziyweni lokhu abathi kungunaphakade, ngingaphilela ukugculisa wena.  

Image

 Namuhla sithi hhola kuDeliwe Cindy Thamage. Le ntokazi yaseGauteng, ithi iyiMedia Student, iyazisebenza futhi, njengoba ikhangisela izinkampani imikhiqizo ezinkundleni zokuxhumana. Izichaza njengomuntu otetemayo, othanda ukutendwa nokutotoswa. Uyabona nje nasemakhasini ayo ezinkundla zokuxhumana ukuthi kayiludli olubabayo.