08 | Izindaba
Friday, 6 March 2026
INTOKAZI ezakhele udumo ngezingoma ezingasoze zabuna, uKaryn White.
Thandi Zondi
ISILOMO somculo opholile saphesheya kwezilwandle uKaryn White, sizoba yingxenye yekhonsathi yokuqwashisa ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane e-Olive Convention Centre, eThekwini, mhla ka-4 Ephreli.
Inhloso yale khonsathi yobusuku obubodwa, wukuqwashisa ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nokubulawa kwabo. Le ntokazi izobe ingaqali ukuba seNingizimu Afrika, njengoba yagcina ukuza kuleli ngo-2018.
Le khonsathi izobe ihlanganise abathandi bomculo nezishoshovu zamalungelo.
UKaryn White waziwa kakhulu ngezingoma esingabala kuzo ethi, I'd rather be alone, iSuperwoman nethi, The Way You Love Me. Muva nje unengoma entsha ethi, You’re Gonna Want Me Back.
Ephawula ngokuza kwakhe kuleli uthe: "INingizimu Afrika isingisingathe iminyaka eminingi, okuyinto engingayithathi kancane. Itshengisa uthando olunzulu futhi oluyiqiniso. Ngaso sonke isikhathi uma nginyathela khona, ngizizwa ngamukeleka, lokho okuyinto enkulu ecikweni," kuchaza lo mculi.
Uthi ukuza eNingizimu Afrika kuzobe kuwumgubho wezingoma zakudala nekhasi elisha njengoba enengoma entsha.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eQuicket, asukela ku-R500.
UKaryn White ujoyina ezinye izihlabani zaphesheya kwezilwandle esezike zavakashela kuleli okubalwa kuzo uSummer Walker, uTravis Scott, uJill Scott, uKem, uLauryn Hill, uKenny Lattimore, uWyclef Jean, u-Anthony Hamilton nabanye.