04 | Ezikaqedisizungu

Friday, 06 February 2026

Image

Injabulo kumlingisi ebuyela kumabonakude


USK uthi usedlulile ezinkingeni abebhekene nazo

Thandi Zondi

UKHUZA ibuya ekulingiseni uSthembiso "SK" Khoza (osesithombeni), ozakhele udumo edlala indawo kaShaka, emdlalweni iThe Queen, owawukhonjiswa kuMzansi Magic (161) kwiDStv ngo-21H00, kanti uke wabonakala nakwiKings of Joburg, The Black Door nakweminye imidlalo.

USK oke wanyamalala isikhathi eside kumabonakude, uzobonakala kwiSitha: The Enemy, esidlala ku-e.tv ngo-20H30. 
Uzobe edlala indawo kaSabelo.

Lo mlingisi uthi usedlulile ezinkingeni abebhekene nazo, manje usebheke phambili ekusaseni eliqhakazile.

 "Ngijabule kakhulu ngendawo kaSabelo engizobe ngiyidlala. Engingakutshela  ababukeli nje, wukuthi ngizohlupha, ngizoshubisa, ngidale ukushisa kuphela!

"Kodwa-ke nginethemba lokuthi ababukeli bazoyithokozela," esho.

Ebuzwa ukuthi ubekuphi njengoba eke wanyamamalala, uthe: "Bengikhona, ngimatasa nezinto zebhizinisi. Kumnandi ukubuye ushaywe wumoya, usuke phambi kwamehlo abantu," kusho uSK.


Image

Kuzokhumbuleka ukuthi uSK uke waba sematheni ezinkundleni zokuxhumana, ngesikhathi kuvela izindaba zakhe zangasese.

Ephawula mayelana nalokhu, uthe: "Akekho umuntu omsulwa emhlabeni. Kodwa-ke abantu mababheke izindaba zabo, bayeke ezami, kangisekho kosekwadlula.

"Ngikujabulele ukukhuza ibuya kumabonakude. Okubalulekile manje wukuthi ngiwumqemane, ngisesimweni esihle ngokwempilo, nangokomoya," esho.


UTshegofatso Kolotse wakwa-e.tv, echaza ngendawo kaSabelo - ezolingiswa uSK - uthe izoba yingxenye yezindawo eziningi kulo mdlalo, okubalwa umndeni wakwaSokhulu/Gumede nowakwaMabuza.

 "Izoshuba kakhulu indawo yakhe njengoba ezobe ezama ukuxhumana nesinqandamathe sakhe sakudala, esinguNandi. Kodwa-ke kuvela izinkinga njengoba uNandi esesebudlelwaneni obusha noSolomzi.

"Njengoba uSabelo enobudlelwano obunzulu nemindeni yomibili, lokho kuzomenza agqame kakhulu kulezi ziqephu ezilandelayo, okuzokwenza ababukeli banamathele kumabonakude," esho.

USK kulindeleke ukuba aqale ukubonakala kulo mdlalo ngoMsombuluko.