03 | Izindaba
Friday, 06 February 2026
Mthobisi Sithole
USEBUYELE emakhaya uMayoghurt (osesithombeni), ongumculi kamaskandi - wayohlala khona - ngenxa yokubhedelwa yisimo semali, emuva kokulaxazwa yimenenja, okuvela ukuthi imshiye emuva kokuba umndeni wakhe ubuyibuza ngemali yakhe.
Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, lo mculi ogama lakhe langempela nguMongezi Jama, usehlala kubo eMzimkhulu ngenxa yokuchithwa ngobeyimenenja yakhe, endlini abehlala kuyona eThekwini.
Ubehlala nayo imenenja. Kuthiwa ukhishwe nezimpahla zakhe, kwathiwa makazibonele.
Kuvela ukuthi izinkinga ziqale emuva kokuba umndeni walo mculi ukhononde ngokuthi kayibonakali imali kuMayoghurt.
Kuthiwa umndeni ushushise uMayoghurt, wafuna ukuxhunyaniswa nemenenja ukuze kwazeke izivumelwano zabo zokusebenzisana.
Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa, lithi nakuba lo mculi esedumile, futhi eqashwa emicimbini emikhulu, kodwa akubonakali ukuthi uyisebenzisa kanjani imali.
"UMayoghurt uphathelwe zonke izinto zakhe, okuningi akazi ukuthi kusebenza kanjani emculweni wakhe, ngoba nenkokhelo uma eqashiwe, yemukelwa yimenenja.
"Kuthe uma sibona ukuthi kunenkinga kwezemali, sakhuluma naye, samtshela ukuthi makasixhumanise nemenenja, kodwa sabona ukuthi uyayivikela. Kasazi noma iyamsabisa yini," kusho ilungu lomndeni.
Lithe kuzanyiwe ukuthi ibizelwe emndenini imenenja, yangavuma.
Kuvela ukuthi bekuthi uma imgodukisa uMayoghurt, ibingafiki kubo, ibimushiya edolobheni eMzimkhulu.
"Kusobala ukuthi imenenja ibibalekela lezi zinkinga," kusho ilungu lomndeni.
Lithi nemoto eyiVW Polo, eyathengwa nguMayoghurt, ifile, ihleli phezu kwamatshe kubo eMzimkhulu.
"Izinga lale moto kalihambisani nemali eyathengwa ngayo. Kusobala ukuthi kwakudlalwa ngaye," kusho ilungu lomndeni.
Kuthiwa ngesikhathi esekhishiwe endlini uMayoghurt, umndeni uqashe imoto ukuba imgodukise nezimpahla zakhe.
Leli phephandaba lixoxa nalo mculi, uvumile ukuthi bekukhona ukunganeliseki emndenini wakhe ngokusebenzisana kwakhe nemenenja.
Ebuzwa ngokulaxazwa kwakhe, uthe ngaphambi kokuba bahlukane nemenenja, yamazisa ngomyalezo obhaliwe.
Lo myalezo uwuthumelele leli phephandaba. Ubhalwe kanjena: "Bliss, ngiyaphuma ezintweni zakho, uzobuyela emakhaya noma eGoli, sengikhathele wukukhuluma into eyodwa, ne-stress singaphezulu kwami manje, sekufike lapho ngikhathala khona.
"Abafana bangakini bahlala bekhuluma, sengi-ryt manje".
Iphunzile imizamo yokuthola imenenja yalo mculi.
mthobisis@ilanganews.co.za