14| Izindaba
Friday, 06 February 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Ingozi ibhubhise amalungu (6) omndeni abeyokwenza iladi.
NGABEZOTAKULO bematasa nomsebenzi wabo endaweni yengozi edlule nemiphefumulo yabantu abayisithupha bandawonye, emgwaqweni uN2, eMtubatuba.
Tumelo Tshivhase:
ILADI lokwenzani? Hhayi abantu abamnyama ngokuthanda ukwenza imikhuba engathi shu.
Lindo INkosazana Pinky Mchunu:
SAZE saphela yizingozi, ilanga nelanga siyakhala.
MaDlamini Ntungwa Dlangamandla:
UKUBE yimina nomndeni wami osindisiwe ngabe sekuthiwa, "ehhena kufanele phela. Angithi abazenzi izinto zesiZulu". Umuntu akhohlwe wukuthi yonke into inesikhathi sayo.
Snothile Khuzwayo:
Bebeyolungisa zona izinkinga zomndeni ngoba kungene isihlava ebantwini sokujikelana kwemindeni nkosi yami, kuyaba abasabuyi.
Yenamuntu Nduduzo Ndimande:
Kubaluleke ngani ukuthi bebeyokwenzani? Mabaphumule ngoxolo nkosi yami.
Mpumeh Lelow Cele:
Lo nyaka kusho ukuthi owezingozi💔
Kwanda Zondo:
Ingozi yenzeka noma nini. Wobona ngePhasika, abantu basuke beya esontweni, kodwa ziyenzeka.
Nunu Pinkie Zwane:
Shwele Simakade! Kwaze kwabuhlungu.
Soneni Dladla:
Sikonile Nkosi. Kazi awusasizweli yini.
Mduduzi Mpungose:
Shame. UJehova athele umusa wakhe oyingcwele.
Vusi Lwande:
Ulaka lwabaphansi.
Sithaseynsizwa Sibisi:
Kusho ukuthi awukho unyaka oyoke ube nokuthula.
Malindi Lindy:
Kusho kuthi belingafuneki kwalona lelo ladi Nkosi yami.
Nkosi Khoza Mamkhathini:
Mhh! Nkosi yami 😥💔