10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 05 February 2026

Woza Nazo Mzala

Image

Nciphisa amahlaya abandayo uma uphethe uhlelo emngcwabeni

UMZALA uthanda ukuqala ngokuncoma indlela umngcwabo kaMandla "Njinji" Magwaza obuhleleke ngayo.

UMzala usukuma nokubonga bonkeĀ  abebewuhlela, nakwiNcanda Funerals ngezinga nangesizotha.

Ingoma yoniwe yilo mphathi wohlelo okuthiwa nguNtombeyiningi, ohluleke wancama wukuphatha uhlelo lwalo mngcwabo.

UMzala uphoxekile ngamaphutha abewenza, nangokunkanta okugcine kwenza lo mngcwabo wadonsa ngokungenasidingo.

UMzala waba nethemba ngesikhathi ethola izindaba zokuthi "uManygirls" uzobe engomunye wabaphathi bohlelo, ngokubambisana noSizwe Mdlalose noCebo Mthembu - olingisa indawo kaNyawo kuZalo.

Awu indlela obuluphethe ngayo uhlelo Ntombi-ntombi, ngathi ubuzama ukubukwa, ufuna nokuthi abantu babuke izingubo zakho kulo mngcwabo.

Ukuphapha lokhu okukwenze waze washintsha kathathu emngcwabeni. Ngiyacela next time ungavumi ukuphatha uhlelo enkonzweni yomngcwabo.

Ubogcina ngayo eyobumnandi ngoba emngcwabeni sisuke sihlonipha lowo ongasekho.

Funda ukuhlukanisa uma uphethe uhlelo, unciphise ukunkanta, namahlaya abandayo uma uphethe inkonzo yomngcwabo".

Umuhle kabi uma usugqoke ihembe lakho elidida unwabu

Image

WE Sdudla Mavis, awutshele mina, la mahembe akho owagqokayo awu-size bani?

He...he..he angisho kabi wakithi, kodwa njalo uma ngikubuka, kuvele kube sengathi kuzoqhuma izinkinobho. Ngiyaqonda ukuthi uyinsizwa ezithandayo, ejimayo, kodwa-ke noma kunjalo, musa phela ukuthenga amahembe akumpintshayo.

Ngisho ungathenga usayizi wakho, umzimba usazobonakala ukuthi uyalolongwa.

Umuhle kabi uma ngabe usugqoke ihembe lakho elididwa unwabu, u-brentwood nama-sandal akho akwa-Omega, sengathi uya kuma-audition okuba yigidangoma likaBig Zulu, lol.

Ukotini wamabhinca uwudla impela, akekho ofika kwi-level. Uyijongo!!

Image

Amaqembu epolitiki angosomathuba

3. AMAQEMBU ezepolitiki afana ncimishi nombhemu owadluliswa ngotshwala, osebheka imingcwabo, nemisebenzi yezimbuzi endaweni, ukuze ayogonxa utshwala bamahhala. Angosomathuba.

Umculi waseNingizimu Afrika, uTyla. usenze saziqhenya eMzansi ngokuwina iGrammy okwesibili.

Njengabo bonke abantu, uMzala ujabule waze wakhala. Kepha lo mzuzu uvele waphenduka owokunengeka esithubeni ngesikhathi IDA ne-EFF sebemfake kuma-poster abo, bembongela.

Yehheni webantu! Siyazi sonke ukuthi kunokhetho oluzayo, nokuthi iningi lenu seliyakhankasa manje. Le nto yokuthi nifake uTyla kuma-poster enu epolitiki kayilunganga neze.

Ngokuzayo uma nifisa ukuphosta, anofaka isithombe kuphela, manje sekungathi uyinxusa lamaqembu enu.

Yekani ukugagamela.