06| Izindaba

Friday, 06 February  2026

Isihlabani saphesheya nekhonsathi yothando eThekwini

 Lesi sihlabani sizonandisa eThekwini kuphela

Image

Lucky Cain

SITHEMBISA uthando oluzobe lubhabha esibhakabhakeni emcimbini waso ozoba ngomhla ka-28 kwephezulu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (Durban ICC), isihlabani saphesheya kwezilwandle, esikhuza ibuya eThekwini, ngemuva kweminyaka ewu-12 singalibeki kuleli dolobha.

U-Anthony Hamilton osekunesikhathi ejabulisa abantu baseNingizimu Afrika, uzojabulisa abantu baseThekwini ngekhonsathi yothando ebizwa ngokuthi, Anthony Hamilton Live In Durban, lapho ezobe eshiyelana khona inkundla nentandokazi yakuleli, uSjava.

Ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto umhleli walo mcimbi, uMandisa Makalima, uthe sekunesikhathi lesi sihlabani esike sahlabana ngendondo yeGrammy, sikulangazelele ukubuyela eThekwini.

Uthi u-Anthony (
osesithombeni esingezansi), oseze waba negama lesizulu elithi, uMzwandile, uyazifela ngaleli dolobha njengoba nangesikhathi enandisa kulona ngo-2012, adayiswa asheshe aphela amathikithi omcimbi wakhe.

Image

"Kulo mcimbi wangomhla ka-28 kuFebruary, asenzi nje ikhonsathi, kodwa sihlonipha abalandeli osekuneminyaka beseka umnyakazo weSoul and R&B.

"Sekuyisikhathi sokuthi iTheku lingahlale lilandela ngemuva uma kunezihlabani zaphesheya, kodwa lithathe indawo yalo yokuba wungqa phambili," kusho uMandisa.

Uthembise ulozolo lwekhonsathi ehambisana nomculo wothando, njengoba u-Anthony aziwa ngamanoni odumo okubalwa kuwona iBest Of Me, iPray For Me, iHer Heart namanye.

Abathenge amathikithi e-VVIP, bazothola ingqayizivele yethuba lokuhlala phambili

"Sithembisa isipiliyoni abangasoze basikhohlwa ngalo mcimbi. Kuzobe kukhona noDJ abaziwayo ngokudedela umculo womphefumulo njengoba sigubha inyanga yothando," esho.

Uthi noma ngubani oseke wabona u-Anthony enandisa bukhoma, uzokuqonda ukuthi kuzobe kwenzekani kule khonsathi.

UMandisa uthe bazoba nezipesheli abazozimemezela uma sekusondele umcimbi zalabo asebewathengile amathikithi, nalabo abazothenga awe-VIP.

"I-VVIP yethu izohlanganisa ithuba lokuhlangana no-Anthony, bahlale phambili futhi bathole nezidlo neziphuzo ngosuku lomcimbi.

Sizoba nezipesheli zalabo abathenge amathikithi zokuthi sikwazi ukubakhuphulela abe ngawe-VVIP," kuchaza uMandisa.

Image

UMandisa uthi lesi sihlabani saphesheya sizonandisa eThekwini kuphela, njengoba belindele abantu abaqhamuka nakwezinye izifundazwe.

Uthi baqoke ukuba u-Anthony ashiyelane inkundla noSjava (
osesithombeni esingenhla), ngenxa yohlobo lomculo wakhe oluthinta umphefumulo, futhi oluyintandokazi nasebantwini bakuleli.

Ukubeke kwacaca ukuthi u-Anthony akazile eThekwini ukuzocula, kodwa uzoba yingxenye yabantu baseThekwini njengoba enegama lesiZulu azifela ngalo.

Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala ngokwamanani ahlukene, kusukela kwajwayelekile, kuya kulawo ezitatanyiswa ezikhethekile kulo mcimbi.