02 | Izindaba
Friday, 06 February 2026
SIVEZE ukuthi sinobudlelwano obuyincikinciki (on and off) bezothando isikhulu samaphoyisa uBrigadier Rachel Matjeng, nalowo okusolwa ukuthi uyisigebengu esiyingozi uVusimuzi "Cat" Matlala (abasesithombeni esingenhla).
Lokhu kuvezwe yilesi sikhulu kwiKhomishini kaMadlanga ephenya ngezinsolo zokugxambukela kwabezepolitiki ezindabeni zokuphatha emaphoyiseni.
Ubephekwa ngemibuzo ngu-Adv Sesi Baloyi
no-Adv Sandile Khumalo, befuna ukwazi ngeqhaza lakhe ngesikhathi kuphela inkontileka yakwaMetropolitan, kungena ekaMatlala, iMedicare 24.
USOLE ukucindezelwa njengembangela yokuthuthelwa kwakhe ejele eligcina iziboshwa eziyingozi, iBhongweni Correctional Centre, eKokstad, uThabo Bester (osesithombeni eingenhla).
UBester ubevele ngoLwesine, eNkantolo eNkulu yaseFree State, ngezobuchwepheshe kulandela ukuthuthelwa kwakhe kuleli jele ngeledlule, ngenxa yezizathu zokuphepha nezinsolo zokweqa.
Ubevele njengoba ephonsela inselelo isinqumo sokuhanjiswa kuleli jele. Ezikhulumela, uthi ukuhanjiswa kwakhe kuleli jele kuwukumcindezela njengoba ukuhanjiswa kwakhe kulo, kuncike kakhulu ezinsolweni ezingaqinisekisiwe.
Utshele inkantolo ukuthi ukugcinwa kwakhe kuleliya jele kucindezela amalungelo akhe, njengoba engakwazi ukuxhumana nabameli bakhe. Kulindeleke ukuba isinqumo siphume ngesonto elizayo.
IHLULEKILE imizamo kasomabhizinisi waseNorth West, uMnu Suliman Carrim (osesithombeni esingenhla), yokuzama ukumisa iKhomishini kaMadlanga ephenya ngezinsolo zokugxambukela kosombusazwe emsebenzini wamaphoyisa.
Lokhu kuza ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseGoli, ichithe isicelo esiphuthumayo sika- Suliman sokuba kuvinjwe ukuba ayofakaza kule khomishini njengoba igama lakhe selike lavela ebufakazini obethuliwe.
Kulobu bufakazi kuvela ukuthi uSuliman oyilungu eliqavile le-ANC, wasebenzisa ubulungu bakhe bepolitiki ukuqinisekisa ukuthi usomabhizinisi uVusi "Cat" Matlala, uyayithola ithenda ka-R360 million embuthweni wamaphoyisa.
Lethula isinqumo iJaji uDenise Fisher, lithi isicelo sikaSuliman kasiphuthumi, futhi izizathu azibekile kazibukeki njengeziphuthumayo, kodwa ngezokuzivikela.
Ikhomishini izophenya ubudlelwano buka- Suliman noMnu Senzo Mchunu, uMatlala, uJenene Shadrack Sibiya nabanye.
UHLANGABEZANE nembibizane eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eziSebenzi lowo owayengumkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, uJenene Khomotso Phahlane (osesithombeni esingenhla).
Lokhu kulandela ukuchithwa yinkantolo kwesicelo sakhe sokuba abuyiselwe emsebenzini.
UPhahlane waxoshwa embuthweni ngo-2020, ngenxa yezinsolo zenkohlakalo nokungaziphathi ngendlela efanele.
Uphenyo lwangaphakathi emaphoyiseni lwamthola enecala lokungaphathi ngendlela izigidi zemali okuthiwa kwaholela ekutheni umbutho ulahlekelwe wu-R24 million ngemisebenzi engenanzuzo (fruitless expenditure).
Wafaka lolu daba eNkantolo yeziSebenzi
nasenkantolo enkulu, kodwa zamchitha. INkantolo yokuDluliswa kwamaCala eziSebenzi inqume ukuthi kabukho ubufakazi ebutholile, obungenza iguquke ezinqumweni ezathathwa yizinkantolo phambilini.
Kwikomidi eliphenya izinsolo zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa, uPhahlane wasola ukuboshelwa amanqina enyathi ngosopolitiki ukuze axoshwe emsebenzini.