23| Ezemidlalo
Friday, 05 September 2025
I-DURBAN City kuthiwa ishaya indesheni kwiKaizer Chiefs ukuba iyiboleke uTashreeq Morris (31) (osesithombeni), ongumgadli oke wasebenza nomqeqeshi wayo iCity, uGavin Hunt kwiSuperSport United.
Kuthiwa iCity ifuna lo mgadli nje, yingoba iRichards Bay iyiphuce iqatha emlonyeni iyihlwitha uKnox Mutizwa obengumgadli weLamontville Golden Arrows, obesejime nayo inyanga yonke.
Kuvela ukuthi iCity ibihlela ukumsayinisa ngoMsombuluko, kodwa iBay yavele yamsayinisa kuqala.
UKHANYISA Mayo (osesithombeni) ongumgadli weCR Belouizdad yase-Algeria, uyanyaniswa neKaizer Chiefs emuva kokuba le kilabhu ingazange imbhalise kubadlali ezobasebenzisa ngale sizini.
UMayo ufana nomuntu ongenakilabhu njengoba sekucacile ukuthi uSead Ramovic - owake walolonga iTS Galaxy - ongumqeqeshi wale kilabhu ngeke amsebenzise nhlobo ngale sizini.
UWANDILE Duba (21) (osesithombeni) ongumgadli weKaizer Chiefs, uphumela obala ngokuthi kunabalandeli abamsongela ngokumubulala.
Uthi lezi zinsongo uzithole ngaphambi komdlalo wezakhe weBetway Premiership neLamontville Golden Arrows obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, yingakho engazange abe yingxenye yawo.
UBENNI McCarthy (osesithombeni), ololonga iqembu lesizwe laseKenya okumanje uyanyaniswa neMamelodi Sundowns, uqokwe njengomqeqeshi ovelele ka-August eKenya.
UMcCarthy usanda kuphumela obala ukuthi kuyambhora ukuba ngumqeqeshi weqembu lesizwe, njengoba ekholwa wukuthi usemncane.
Uthi ufuna ukubuyela ekuqeqesheni amakilabhu adlala zimpelasonto zonke, ngoba kuyambhora ukuhlala izinyanga engaqeqeshi, okuyinto eyenzeka njengoba elolonga iKenya.
U-ERIC Tinkler ololonga iSekhukhune United okuyiyona esiziholayo kwiBetway Premiership, uqokwe njengomqeqeshi ovelele ka-August.
UPuso Dithejane weTS Galaxy uqokwe njengomdlali ovelele, kwathi uKamohelo Sebelebele we-Orlando Pirates (osesithombeni), wahamba nomklomelo wegoli elivelele, alishaye iBucs ibhekene neStellenbosch.
UTIM Sukazi ongumnikazi weTS Galaxy, uthi uPuso Dithejane (21) (osesithombeni) - oqokwe njengomdlali ovelele ka-August kwiBetway Premiership - kufanele ngabe useqenjini lesizwe, iBafana Bafana njengoba ekholwa wukuthi ubahlula bonke abadlali abagijima ezimpondweni kwiPremier Soccer League (PSL) njengamanje.
Uveze ukuthi lo mdlali uke wafunwa yikilabhu yaseCroatia, ecele i-data yokusebenza kwakhe emidlalweni, yathuka yoma njengoba ethi ithe uDithejane usezingeni likaVinicius Junior weReal Madrid.