09 | Izindaba

Friday, 05 September 2025

Ibukeka idlisa minyaka yonke imfashini yendwangu yetshali


Ubuchule obusetshenziswayo, budlulele

Image

LAWA ngamatshali anezitayela ezehlukene,  ezikhangayo, ezenza okugqokile kubukeke.

Mpume Sibiya 

UMA ungumuntu oziqaphelisisayo izinto, ikakhulukazi ezithinta imfashini, uzobona ukuthi minyaka yonke kukhona la ma-trend ahlale ebuya, adla ngokushintsha izitayela.

Lapha sikhuluma ngamatshali esasiwabukela kude, njengento ekhonzwe ngabantu asebekhulile.

Ogogo bebekhonze ukuwabhinca noma bawabeke emahlombe. Ngokuhamba kweminyaka, abasiki bengqephu basebenzisa ubuchule ukuqhamuka nezitayela ezinhlobonhlobo, ukwenza la matshali asebenziseke ezintweni ezahlukene.

Image

Kuyaswenkeka ngendwangu yetshali

Imfashini eyenziwa ngetshali igqama kakhulu ebusika, lapho bonke abantu besuke bedinga indwangu efudumele.

Yilapho-ke abasiki bengqephu bekhipha khona unyawo. Baqhamuka nezitayela ezenza le ndwangu ingaphumi esitayeleni. Ebusika ugqoka ufudumale ngesikhafu, obona kahle ukuthi yisitayela noma yisikotshi setshali lesi.


Image

Isikhafu ungasisebenzisa ngezindlela eziningi, okungaba wukusigaxa emqaleni nokusibeka ehlombe ukuhlobisa okugqokile (accessory).

Kangisayiphathi eyamajakhethi emibala eyisikotshi, atayelwa kuze kudideke umthengi esitolo, engasazi ukuthi uzokhethani. Uyawathola kwabesilisa nakwabesifazane.

Indwangu yetshali ehlotshiswe kahle, uyayithola kwabesifazane abayigqoka ngenhloso yokuhlonipha, eba yiziphika (turtleneck poncho/ polo neck poncho), yahlotshiswa kahle, futhi iyagqokeka ukwenza i-fashion statement, ukuze impahla oyigqokile ikhange.

Kanjalo nasemicimbini, omakoti balikhonzile leli tshali elincanyana noma elenziwe isiphika.
Ngikhule ugogo esigqokisa sifudumale ngalabo pholonekhi ayebakhrosha babe yimibala eminingi, ehambisanayo, singazi ukuthi ngelinye ilanga lesi kungaba yisitayela esisemgangathweni.

Image

Nasezimpahleni zasendlini lingena khaxa itshali

Ubuchule obusetshenziswayo endwangwini yetshali budlulele njengoba nasezimpahleni zasendlini lisetshenziswa ukuhlobisa.

Lapho lidlisa ngemibala egqamile, futhi ezokwenza indlu yakho ibukeke kahle. Liyasetshenziswa ukukhava osofa, kanjalo nasemibhedeni.

Image

Kakusethusi ukubona umuntu 'egqoke ubhulankethi'

Sisafika lesi sitayela 'sokugqoka ubhulankethi', besibukeka siyihatshana nje, sengathi kwawona uyasinda, kodwa uma uyithinta le ndwangu, ilula.

Iba yinhle uma uyitayelele kahle. Noma ngingenaso isiqiniseko sokuthi ngubani oqhamuke kuqala nalesi sitayela, kodwa kuyinto ejwayelekile ukubona abeSotho bembathe obhulankethi, okuwuhlobo lwezimpahla lokufudumala ebusika, noma ukuhlonipha emicimbini yesintu.

Uma ungumlandeli wemfashini, la ma-trend, avame ukubonakala kakhulu emibukisweni yemfashini nakosaziwayo.
sibiyam@ilanganews.co.za

Image