16 | Ezemidlalo
Friday, 05 September 2025
NGUMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UNCOMA isibindi sikaHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana uSiyabonga Ngezana, odlala emuva kuleli qembu.
IBafana Bafana izodudulana neLesotho koka-group C wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu ngo-18h00 eToyota Stadium, eBloemfontein.
UNgezana ushayela ihlombe uBroos njengoba ethi kulokhu ufake inqwaba yabadlali abasebancane, ekubeni kubhekenwe nemidlalo enzima.
"Okwenziwa nguBroos kukhombisa ukukhula kwebhola lakuleli njengoba efake inqwaba yabadlali abasebancane.
"Uyakholelwa kubadlali abasebancane njengoba ebanika ithuba. Ulanda laba abaseqophelweni eliphezulu, engingabala kubona uMbokazi (Mbekezeli) noNkota (Mohau), ukukha nje phezulu.
"Njengabantu abanesipiliyoni, kufanele sibagade, sibakhalime. Kodwa-ke okumqoka kunakho konke wukunqoba lo mdlalo ngoba sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sizibekisela indawo emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba," kusho uNgezana.
NGUSIYABONGA Ngezana oyisitobha seBafana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Emuva kwalo mdlalo, iBafana izobe isibhekana neNigeria ngoLwesibili ngo-18h00 khona eToyota Stadium.
Sesisonke isikwati seBafana esizodlala neLesotho neNigeria ngokwahlukana simi kanjena:
onozinti: URonwen Williams (Mamelodi Sundowns), uSipho Chaine (Orlando Pirates) noRicardo Goss (Siwelele).
Abasemuva: UNyiko Mobbie (Siwelele), uZuko Mdunyelwa (Mamelodi Sundowns), uMbekezeli Mbokazi (Orlando Pirates), uKhulumani Ndamane (TS Galaxy), u-Aubrey Modiba (Mamelodi Sundowns), uThabo Moloisane (Stellebosch), uSamukelo Kabini (Molde FK) noSiyabonga Ngezana (FCSB).
Abasesiswini: UTeboho Mokoena (Mamelodi Sundowns), uBathusi Aubaas (Mamelodi Sundowns), uThalente Mbatha (Orlando Pirates) noLuke Le Roux (Portsmouth).
Abaphambili: uKamogelo Sebelebele (Orlando Pirates), u-Oswin Appollis (Orlando Pirates), uSipho Mbule (Orlando Pirates), u-Iqraam Rayners (Mamelodi Sundowns), uMduduzi Shabalala (Kaizer Chiefs), uMohau Nkota (Al-Ettifaq) noRelebohile Mofokeng (Orlando Pirates).