21 | Ezemidlalo

Friday, 05 September 2025

AmaBhokobhoko nethemba lokuphula irekhodi le-All Blacks

Image
La maqembu azobhekana enkundleni yezitha okungayi lubuyayo kuyona

NGU-CANAN Moodie wamaBhokobhoko ekinatelwa nguRoss Vincent we-Italy.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Nhlanhla Hudla

UKHOLWA wukuthi bangakwazi ukuziqophela umlando ngokuhlula izitha esibayeni sazo uCanan Moodie ongumdlali wamaBhokobhoko, azogadulisana ne-All Blacks yaseNew Zealand koweCastle Lager Rugby Championship ngoMgqibelo ngo-09h30 e-Eden Park, e-Auckland.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bombhoxo umhlaba wonke, kwazise i-All Blacks selokhu yagcina ukwehlulwa ngo-1994 kule nkundla, lapho eyaguqiswa khona yiFrance.

I-All Blacks iqoke isikwati esiqinile ukubhekana namaBhokobhoko kulo mdlalo okuhlale kusiphuka izidindi kuwona uma lezi zinkunzi zihlangene.

"Sizimisele ngokuziqophela owethu umlando ngalo mdlalo. Kuhlale kuyintokozo ukubhekana ne-All Blacks emdlalweni ngoba uphuma kuwona ufunde okuningi.

"Sizilungiselele kahle, futhi sinethemba lokuthi sizobuya nomphumela omuhle. Sifunde lukhulu emidlalweni yethu emibili esiyigijime ne-Australia (elakuleli lihlulwe kowodwa lanqoba owodwa lidlala neWallabies kuleli), okwenza sibe nethemba lokuthi sizokwazi ukubuya nomphumela omuhle ekuhambeni sibhekene ne-All Blacks," esho.

Image

NGU-ARDIE Savea we-All Blacks - ozama ukuphulukundlela nebhola - ozobe egijima umdlalo wakhe ka-100 we-test uma sebebhekene namaBhokobhoko.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ngaphandle kwalo mdlalo, i-Australia izokwamukela i-Argentina ngo-06h30 kowawo belu lo mqhudelwano ovikelwa ngamaBhokobhoko.

Womane amaqembu adlala lo mqhudelwano asanqobe kanye, ehlulwa kanye, okuwenza uvuleleke.


* Khonamanjalo, luyaqhubeka ushikishi lwemidlalo yeCarling Currie Cup njengoba iHollywoodbets Sharks XV izokwamukela i-Airlink Pumas ngoLwesihlanu ngo-19h00 eHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini.

Isiyonke imidlalo yeCarling Currie Cup ihlelwe kanje:
NGOLWESIHLANU
Hollywoodbets Sharks XV vs Airlink Pumas 19h00.
NGOMGQIBELO
DHL Western Province vs Sanlam Boland Cavaliers 15h00.
Fidelity ADT Lions vs Griquas 17h00.
Vodacom Blue Bulls vs Toyota Cheetahs 19h05.