18 | Ezemidlalo
Friday, 05 June 2026
NGUBANDILE Shandu (ongowesibili) okuvela ukuthi iBucs iyamchitha.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
USEPHENDUKE inyama emakilabhini agijima kwiBetway Premiership umdlali we-Orlando Pirates, okuvela ukuthi le kilabhu ngeke imgcine uma kuphela inkontileka yakhe.
Inkontileka kaBandile Shandu (31), odlala emuva kwiBucs iyaphela ngomhla ka-30 kuJune. Kuthiwa iBucs isinqumile ngalo mdlali, ngeke iyelule inkontileka yakhe.
ILANGA Lempelasonto lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uShandu usephenduke inyama emakilabhini agijima kwiPremiership.
Umthombo waleli phephandaba, uthe: "UShandu ngeke awuswele umsebenzi, kumanje kunamakilabhu amane amufunayo kwiBetway Premiership.
"Phakathi kwalawo makilabhu kukhona iDurban City, yiSekhukhune United, AmaZulu neSiwelele FC. Kodwa-ke okuningi kuzocaca kahle uma iPirates seyenze isimemezelo ngokusemthethweni ngesimo sakhe."
Imizamo yokuthola uMike Makaab wakwaProsport International, okuyinkampani ephethe lo mdlali - ukuba aphawule ngalolu daba - iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.
Nomyalezo awuthunyelelwe kwiWhatsApp, ugcine engawuphendulanga.