16 | Ezemidlalo

Friday, 05 June 2026

Image

KWESOBUNXELE ngenhla; ngabadlali nezikhulu zeBafana Bafana; kwesokudla phezulu, nguSantiago Gimenez weMexico, ogijima kwi-AC Milan yase-Italy. Kwesobunxele ezansi, nguTakefusa Kubo waseJapan ogijima kwiReal Sociedad, eyizingqwele zeCopa Del Rey, kwiLa Liga yaseSpain; kanti kwesokudla ezansi ,nguPatrik Schick weCzech Republic, ogijima kwiBayer Leverkusen yaseGermany.

IBafana ilindele ubunzima obuphindiwe kwiMexico

Elakuleli kalifuni ukubonwa yizitha uma selidlala owokugcina wokuzifudumeza neJamaica

Senzo Sokhela

UKAPUTENI weBafana Bafana uRonwen Williams, uphawula ngobunzima ababulindele emdlalweni wokuvula umqhudelwano weNdebe yoMhlaba yeFifa, abazowugijima neMexico engosokhaya.

Lo mdlalo uzokuba ngoLwesine esiya kulona ngo-21h00, kanti kulindeleke ukuba iCity of Mexico Stadium igcwale phama, ikakhulukazi abantu bakuleliya lizwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi la mazwe anomlando wokuvula lo mqhudelwano njengoba nango-2010 kwaba ngesifanayo, ngesikhathi iNingizimu Afrika isingethe le midlalo.

Lowo mdlalo owabe useFNB Stadium, eSoweto, waphela zibambene ngo-1-1.

Image

NGUKAPUTENI weBafana, uRonwen Williams (okwesokudla) edlulisa ijezi lalesi sikwata kuMengameli Cyril Ramaphosa. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UWilliams ebuzwa ngaleli qembu eseMexico, njengoba elakuleli litheleke khona ngempumelelo ngasekuqaleni kwaleli sonto, uthe: "Bayiqembu elihle, futhi elinabadlali abanesipiliyoni asebeke bawudlala lo mqhudelwano phambilini.

"Into enzima ngabo wukuthi bazobe bedlala phambi kwabalandeli babo, okubabeka ethubeni elingcono.

"Kodwa siwulangazelele lo mdlalo, sisenaso isikhathi sokubahlaziya kahle, sibuke nemidlalo yabo yakamuva. Ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo omnandi." 

IBafana izokuba nomdlalo wesihle neJamaica namuhla ngoLwesihlanu. Nokho kuthiwa izowudlala esithe, kuzokube kungavumeleke muntu.

Emqhudelwaneni womhlaba, iBafana izolandela ngokubhekana neCzech Republic ngomhla ka-18, ivale imidlalo ka-group A ngokushukana neSouth Korea ngomhla ka-25 wale nyanga.