15 | Izindaba
Friday, 05 June 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Kugqame ubuhlathi beSafa kubhuntsha uhambo lweBafana, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Nhlanhlo Khumalo:
Ngo-2 hours nje uHome Affairs waseThekwini ungabasheshisela.
Gezeh Shlahla SeMagic Maduna:
Yimithandazo yeKaizer Chiefs yonke lena.
Sphelele KaZwide:
I-Team Manager iphinde yenza iphutha. Izophinde ixolelwe njengakwi-case kaTeboho Mokoena, owadlala kungafanele.
Mfundoe Mfundoe:
Abahambi ngani engekho (ama-visa) ngoba nabanye bagcwele lana ngaphandle kwayo. Kusho ukuthi siyizwe elingathi shu. 🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣
Xolani Zulu:
Bayalunga! Bacabanga ukuthi yiseSouth Africa la, ovele uzingenele nje.
Senzo R Zikhali:
Kuhle mpela izwe libone ukuthi imithetho kwamanye amazwe iqinile.
Ntombenheh Enhlerh:
Abahlelekile bo. Bebengazi yini ukuthi kuhanjwa nini ukuze kusheshe kuhlelwe?
Okwase South Africa futhi akufani nakwamanye amazwe!
Konke kuhamba slow.😅
K.S. Mthembu:
Bebengazi yini ukuthi kuzodingeka i-visa? Kungani bengayenzanga kusenesikhathi?
Sizwe Dlithi Wasemabheleni:
Bacabanga ukuthi yile South Africa engenamithetho. Bengifisa sengathi bangangahamba bonke, khona uhulumeni uzobona esikhala ngakho. Amazwe anemithetho, hhayi lo doti wethu.
Mdakane Seluleko:
Hhayi yihlaya lezwe leli.
Njabulo Mzimela:
Akobe niyabona-ke bosibali base-Africa ukuthi umungenayo imvume kawuhambi. Asazi njengoba nigcwele la eMzansi ukuthi ninazo yini izimvume?
Zazi Xaba Zet:
Yenze ngamabomu iMexico. Inhloso wukuthi sifike kuyona singazilungiselelanga.
Mndeni Zakwe:
NguBradley Cross ofike nebhadi lale team yakhe kwiBafana. 😂😂
Mzeyifani Enos:
Intimbothi lena. Ikhona kodwa into eyake yalunga ehlelwa yiSAFA bakwethu?
Njabulo Mnyandu: Engani
Bagcina i-manager okufanele ngabe bayixosha mhlazane sidlelwa amaphuzu ethu ngokudlalisa umdlali kungafanele.
Mshengu-Mpha Omnyama Shabalala Emnambith:
Nina anazi ukuthi singabalandeli beChiefs, sikhona naseHome Affairs? 🤣🤣🤣🤣🤣🤣
Welcome Ncanana:
Lo muntu okuthiwa yimenenja yeBafana yini umsebenzi wakhe? Umenenjani kanti?
Sboniso Breadwinner Linda Ndiyaza:
Ubani kanti okufanele asolwe for yonke le nto? Uzobona futhi ngeke kuxoshwe muntu ngale delay.
Nhlaka Thabethe:
UTrump akabafuni.