14 | Izindaba
Friday, 05 June 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
I-NFP ichitha uNkz Mbali Shinga, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Sbudah Sbudah Dlamini Mkhize:
Uyalunga uMbali. Wenza into ethandwa nguyena, wakhohlwa wukulalela iqembu.
Le nto iyisifundo kunoma ngubani. Okubuhlungu wukuthi sekuphelile ukubizwa ngomhlonishwa manje, usewusisi Mbali.
Sbonelo Nxumalo:
Uzenza u-clever lo mama. Wayecabanga ukuthi uNtuli (Thami) uzomvikela. Kunjani uma kunjena?
Kwazikwenkosi Wakwa Mngomezulu:
Waphela umbuso kaNtuli. 🤣
Cebisile Mapholoba Mapholoba:
Kusho ukuthi soli weMbali. Kwaphela kanjalo-ke ngama-blue light. 🤣🤣
Mandu Lindani Zindela:
Ukube wenza okushiwo yiqembu lakhe ubengeke alambe, ubengabamba nakomasipala njengemeya.
Blessing KhulaBebhejile Mthembu Legacy:
Uyabona ipolitiki iyashukana! Buka nje lo mama usesele dengwane, akasena-back-up kule nkani yakhe. Uzozwa-ke, kukhona abazothi akayi ndawo uMbali Shinga. 😆
Senzosenkosi Mhlongo:
Ibhanisi lawudonsa kanjalo ukhaphethi obomvu, laqede kwahlala lona. 🤣🤣😂🤣 Ayimqashe iNkatha khona ezokwenza ukungathembeki nakuyona.
Siyabonga Victor:
INkatha ithini? Baphi ababethi u-right lo mama? Awukwazi ukuphikisa iqembu elikuthumile.
Bhekokwakhe Dube:
Nawe kodwa uphakelwa kini, uyokhonkotha kwamakhelwane uma kuhlatshiwe?
Sanele Mdakane:
Ngasho ngathi kosala oyedwa.
Mxolisi Mxohh Mxohh:
Akobe ukufundile ukulawuleka sisi wabantu! Impakamo kayibuyiselani.
Skhululo Mthonga:
Hheyi! Ngoba futhi ipolitiki madoda! 🤣
Lungelo N Bra Thamboz:
Wazifakela yena inhlabathi ephalishini lakhe. 🙆🏽♂️🤔
Dineo Tsepiso:
UZakewu makadilike emthini! Good job. 👏
Khulekani Msibi:
Incwadi yenkantolo isendleleni, lindelani-ke manje.
Ndlela Nkosikhona:
Kwaphela kanjalo-ke ukuba ngumhlonishwa. Manje usengumuntu ntu. 🤣🤣
Sphe J Hadebe:
Ayimqashe phela iNkatha, uyisebenzele ngeqiniso.
Hlabanabemphika Gadlela Vezi:
Akayi ndawo lo mama, khohlwani nje.
Banele Gavu:
ULwimi maluqonde Jobe! Usexoshiwe. 🤣🤣🤣🤣
Sabelo Qhawe Nxumalo:
Kwakufuneka nje yena enze into eyodwa, lena yayishiwo yiqembu lakhe finish.
Hhayi indaba yokuvikelana nabantu ongabazi, futhi abangelona neqembu lakho.
Syethemba Cwephe Phungula:
Uzenzile akakhalelwa xoki ndini.
Bhekinhlanhla Mdletshe:
Siyobona isiphetho njengoba eledlulisile icala.