12  | Izindaba

Friday, 05 June 2026

Kumqoka ukwelulekwa ngokomqondo ngaphambi komshado

Ukuya kumfundisi ozokweluleka ngokwenkolo kwenza kube nezimfundiso ezisalayo...

Image

Ukweluleka kwenza ubudlelwano bukhule, futhi niqondane kangcono emuva komshado.

KUBALULEKILE ukuba izithandani ezilungiselela umshado, zihambe uhlelo lokululekwa ngokomqondo phecelezi, i-premarital counselling.

Isikhathi esiningi abantu baye balulekwe ngokwasemasontweni, yize kuwumbono omuhle lona kodwa akwanele. Sekukaningi izithandani zicela ukwelulekwa ngezinqinamba ezibhekene nazo emshadweni, okuyilapho ziqonda kabanzi ngohambo ezilukhethile ngendlela eyahlukile kunale yokululekwa umfundisi.

Image

 Ungoti uthi ubumqoka bokwelulekwa ngaphambi komshado kusiza nasekutheni ukwazi ukuxhumana kahle nosebudlelwaneni naye.

Uma kwelulekwa ngokwenkolo kunikeza izimfundiso ezinhle, kodwa kumshiya umuntu enezinto angakwazi ukubhekana nazo noma angaqeqeshekile kuzo, esingabala kuzo ama-relationship skill, adingekayo emshadweni.

Isikhathi esiningi umuntu uye abe nezimo asedlule kuzona ekukhuleni kwakhe, ezimkhubazayo ekubeni nobudlelwano obuhle nothandiweyo wakhe. Uma umuntu engakulungisi lokhu, uyaye abenenkinga ebudlelwaneni.


Siyaye sizitshele ukuthi iminyaka yomuntu yiyona eyenza ukuthi akulungele ukungena emshadweni, kanti uyakwazi ukuthi ube mdala, kodwa ungakulungeli lokhu. I-counselling isiza ekutheni umuntu akwazi ukukuqonda lokhu.

Image

Iyasiza nasekutheni i-couple ikwazi ukwazana ngokujulile, nokuthi yikuphi lapho kusamele ilekelelane, ikhule khona. Phezu kwalokho, yenza ukuthi nikwazi ukuzihlela ukuthi nobabili nifisa ukuba nobudlelwano obunjani, nendima umuntu ngamunye okumele ayidlale ukuze kwenzeke lokhu.

Enye into eyaye isize wukuhamba ama-workshop, seminars nokuhlanganyela nabanye abashadile kulezi zinkundla. Lokhu kuyagqugquzela, futhi kusiza ekutheni ningazizwa ninodwa kulolu hambo, nikwazi nokuthola eminye imibono.

Izinto ezidingekayo ebudlelwaneni, ezizuzeka ngokwelulekwa ngokomqondo:

✔️ Indlela yokukwazi ukuxhumana;
✔️ Ubuhlakani ngokwemizwa (emotional intelligence);
✔️Izindlela zokuxazulula izinkinga enisuke nibhekene nazo;
✔️ Ukwakha ukwethembana;
✔️Ukuzazi ukuthi ungubani;
✔️Ukukwazi ukumela okushilo noma amazwi akho.

Ukuxhumana nabe WellCo Consulting
Inombolo yocingo: / Call: 081 712 7558
Email: enquiries@wellnessconverse.co.za
Ikheli: 102 Stephen Dlamini Road, Suite 58 Musgrave Durban 4001