08  | Izindaba

Friday, 05 June  2026

Kuqubuke imvunge ngongqongqoshe 'oneCovid-19'

Isitatimende sithi uTau useziqhelisile kubantu kodwa usesimweni esikahle...

Abezempilo bathi leli gciwane liyaguquguquka, okulenza manje lingabe lisaba wubhubhane kodwa lifane neminye imikhuhlane...

Image

Mthokozisi Dlomo

KUQUBUKE imvunge ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba uMnyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, ukhiphe isitatimende, wazisa umphakathi ukuthi uNgqongqoshe wawo uMnu Parks Tau (osesithombeni) utholwe eneCovid-19.

Ngokusho kwalesi sitatimende esikhishwe ngoLwesithathu, "uNgqongqoshe usesimweni esikahle ngokomoya, kumanje uziqhelisile ebantwini. Unxusa abantu abake basondelana naye kulezi zinsuku ezedlule, ukuthi nabo bayohlolelwa leli gciwane."

Kwabanye kubuye isithombe sokuvalwa thaqa kwezwe ngoMashi 2020, ngenxa yokubheduka kweCovid-19, okwashaya umnotho cishe wawo wonke amazwe emhlabeni, kwafa izigidi zabantu.

Abanye bebebuza ukuthi seliqhamukaphi leli gciwane, njengoba bekungasakhulunywa ngisho nangalo njengoba bese "laphela".

Image

Nyakenye umnyango wezempilo uthe iCovid-19 kayiphelanga, kodwa ngenxa yokushintsha-shintsha kwayo (mutation), seyishintshile ekubeni wubhubhane (pandemic), yafana neminye imikhuhlane ejwayelekile.

Abanye banyuse izinhlonze ngesikhathi okuvele ngaso ukuthi uTau uneCovid-19, njengoba isematheni indaba yomhla ka-30 kwephezulu, okuwusuku olubekwe njengomnqamulajuqu kubantu bangaphandle abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho.

Basola ukuthi lokhu kungenzeka kube ngeminye yemizamo yokususa iso lomphakathi emkhankasweni wokuxosha abokufika abangenamaphepha, oholwa yiMarch and March, osusabalele izwe lonke.

Ukubheduka kwaleli gciwane kwenza uhulumeni wajuba amasosha ukuqinisa ukulandelwa kwemithetho yesikhashana eyayenqabela abantu ukuba bahlangane, nokuba sezindaweni ezithile ngezikhathi ezithile.