03  | Izindaba

Friday, 05 June 2026

Umlingisi ufanise eyeNimba noninalume

Uthi ukuhlunga izindawo okumele azilingise kumsizile ekutheni akhule kulo mkhakha...

Uthi le ndawo ayilingisa kulo mdlalo ihamba phambili kuye ngoba imgqilazile...

Image

NguZenande Mfenyana, odlala indawo kaThumeka emdlalweni iNimba.

Lucky Cain

UFANISE indawo ayilingisa emdlalweni kamabonakude nekaninalume, umlingisi oqavile emdlalweni owuchungechunge Inimba, uZenande Mfenyana. Udlala indawo kaThumeka kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic, phakathi nezinsuku.

Lo mdlalo usanda kuqala isizini yesibili, njengoba eyokuqala yenze kahle kakhulu yaba nedumela, futhi yahamba phambili nangezibalo zababukeli.

ILANGA Lempelasonto libe nengxoxo noZenande oqale ukuzakhela udumo kulo mkhakha, elingisa emidlalweni okubalwa kuyo iGenerations, iThe Queen neminye.

Uchaze ngokulingisa indawo kaThumeka kwiNimba, okuyindawo aklonyeliswe ngayo ngendondo yakhe yokuqala ngemuva kweminyaka ewu-19 ekulo mkhakha wezikamabonakude. Uthe kule minyaka ekulo mkhakha, ukhulile kuwona, wakwazi nokubona izindawo okumele azihlunge, nalezo okumele azilingise.

Image

"Ngasengizitshelile ukuthi angisafuni ukulingisa indawo ezokwenza abantu bangibone njengomuntu oyedwa. Ngesikhathi ngithola ekaThumeka, ngavumela phezulu ngoba izokwazi ukungikhipha endaweni engikhululeke kuyona, iveze olunye uhlangothi ngethalente lami lokulingisa," kusho uZenande.

Uthe kuzona zonke izindawo aseke wazilingisa, yiyona ehamba phambili ngoba imgqilazile, wakwazi ukwenza okungaphezulu ngayo njengoba kuyindawo ehlukile futhi edinga asebenze ngokuseqophelweni eliphezulu.

Image

Kulo nyaka uZenande uhlabane ngendondo yeBest Supporting Actress. Uchaze ukuhlabana kwakhe njengesiqinisekiso sokuthi usahamba kahle kulo mkhakha, futhi kusekuningi okuseza kuyena.

Uveze ukuthi uyakuthokozela ukulingisa nozakwabo kulo mdlalo, njengoba bebumbene futhi bekhuthele, bebeka umsebenzi phambili.