17 | Ezemidlalo

Friday, 05 November 2025

Image

KWESOBUNXELE ngumqeqeshi weGallants, u-Alexandre Lafitte, kanti kwesokudla, ngu-Oswin Appollis wePirates eshiya uChristopher Sithole weGallants eshaya ungqimphothwe.

IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Kwexwayiswa abadlali beMarumo ngobungozi bePirates

Umqeqeshi uthi kakufanele bazihloniphe eZimnyama ensimini ngoba zizobaqoba

Senzo Sokhela

UXWAYISA abadlali bakhe ngephutha okungafanele balenze nangengozi umqeqeshi weMarumo Gallants, u-Alexandre Lafitte.

IGallants izodudulana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo ngo-18h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

ULafitte - odabuka eFrance - udonse ngendlebe abadlali bakhe ngokungafanele bakwenze uma sebebhekene nePirates evutha ingabaselwe kulezi zinsuku.

"Yithuba lethu nathi lokunqoba okuthile ngale sizini. Ngikholwa wukuthi senze omkhulu umsebenzi ukuze sigcine silapha. Iphutha nje abadlali bami okungafanele balenze, wukunika iPirates inhlonipho.

"Kufanele siye nathi sibheke phezulu, sizethemba, sizitshele ukuthi ngeke isenze lutho.

"Sikuqonda kahle ukuthi abalandeli bayo bazokube begcwele inkundla yonke, kodwa okumqoka kithina wukukhombisa isibindi, singayisabi ngoba uma sike sakhombisa ukuyesaba, izosehlula kalula," kusho uLafitte.

Image

NGABADLALI beGallants uMonde Mpambaniso (okwesobunxele) noSiyabonga Nhlapho (kwesokudla).

IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ikilabhu ezonqoba lo mdlalo izodudulana nekhethelo leCarling All Stars emdlalweni wombango weCarling Cup, ozokuba ngoMgqibelo ozayo womhla ka-13 wale nyanga eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

I-All Stars yiyona evikela iCarling Cup eyinqobe yehlula iMagesi FC ngesizini edlule.

Kula masizini amabili adlule i-All Stars beyihlale ilolongwa nguJose Riveiro waseSpain, obecija iPirates, kwazise beyishesha ukuphuma kwiCarling Knockout.

Nokho no-Abdeslam Ouaddou ongene ezicathulweni zikaRiveiro kwiBucs, nguyena ohamba phambili ngamavoti ukuqeqesha i-All Stars, kodwa okungeke kwenzeke uma amaBhakabhaka enqoba iCarling Knockout njengoba lo mqeqeshi ezophoqeleka ukuhlala ebhentshini leZimnyama eThekwini.