13 | Izindaba

Friday, 05  December 2025

Ibambe Mrey: noMthokozisi Dlomo

Ezezimoto

Baningi abashiselwa yigazi emigwaqweni kulesi sikhathi

Ukushayelisana kabi yinto eyenzekayo, akusho ukuthi sekumele kufe umuntu...

Image

ISIKHATHI samaholide yisikhathi esimatasatasa, ikakhulukazi emigwaqweni. Babodwa abaphuthuma emakhaya, babodwa abaphuthuma emadolobheni, nalabo-ke abahlezi bephuthuma, nabo bengazi ukuthi baphuthuma ini.

Yisikhathi lapho bebaningi abantu abashiselwa yigazi, iningi labo elishiswa nayizinto abazihabulayo ngaphambi kokushayela, noma bezihabule khona emuva kwesteringi.

Ukulwa noma ukuhilizisana ningabashayeli emgwaqweni kubeka engcupheni impilo yabantu abangenacala.


Ngikhuluma le ndaba nje, ngikhumbula isigameko esike senzeka emgwaqweni uM4, laphaya ngaseLa Mercy. Ngangizihambela ngibuya etohweni. Ngathi ngibona laba esibukweni nazi izimoto ezimbili (iveni nemoto encane), zihamba zivimbana.

Image

Omunye uyamdlula omunye, ethi esengaphambili kwakhe bese kuba sengathi uyama, nomunye adlule kulayini ophuzi, aye ngaphambili, kube yiso leso.

Ngavele ngashaya amalambu, ngabuyela eceleni ukuze badlule. Ngisho sebedlulile, kwaba yiso leso. 
Angazi ukuthi ingxabano yayiqalwe yini, kodwa ubudedengu obunjengalobu bungadala omkhulu umonakalo, njengoba bubeka impilo yabantu engcupheni.

Ziningi nezinye izigameko engivame ukuzibona ezinkundleni zokuxhumana, ubone abantu sebehlubana ngequpha phakathi nomgwaqo, ngenxa yokuthi sekube khona ukungaboni ngaso linye.

Image

Ezinyangeni ezedlule,  ILANGA likhiphe udaba ngesigameko esenzeka eMlazi, lapho owesilisa oyisosha adubula abulala owesifazane ngemuva kwengxabano, eyasuswa wukushayelisana kabi.

Ziningi izinto singabantu esibhekana nazo umuntu ngamunye, ezingagcina zenza umuntu asheshe ukuhluthukelwa yinhliziyo. Yingakho kubalulekile ukubekezelelana emigwaqweni, ikakhulu ngalesi sikhathi.


Ukushayelisana kabi yinto okumele wonke umuntu ongumshayeli ayilindele ukuthi ingenzeka emgwaqweni, kokunye kube yiphutha. Akusho ukuthi sekumele kufe umuntu ngalokho.


Emgwaqweni akuyona indawo yokuveza ubunsizwa noma ubushinga bakho. Esikhathini samanje kasisekho isidlakela, sekwaliwa ngezibhamu. Uzothi uyaphuma uhlasela umuntu emotweni yakhe, akhiphe okuthile akubhekise ngakuwe, ethi ubezivikela.

Image

Isinqumo osithatha ngokucasuka singacekela phansi impilo yakho yonke.
Kubalulekile ukukwazi ukwehlisa umoya ukubhekana nanoma yisiphi isimo ngesisoka.

Kuyenzeka umuntu akushayelise kabi, usale udemelayisa, usuhluthukelwe yinhliziyo, kwanawe ugcine ungasacopheleli kahle emgwaqweni.


Kumele kube yinhloso yethu sonke ukuthi zingenzeki izingozi ezingagwemeka emigwaqweni. Kuyisibopho sethu sonke ukuhlonipha imithetho yomgwaqo ukuphephisa okungenani impilo yabanye, uma kuwukuthi kasinandaba neyethu.


Okubalulekile wukuthi sonke kumele sifinyelele siphephile lapho siya khona.

#UkuthulaMakwande